Ezemidlalo

Ingcindezi kuBavuma ngokugqoza kwama-run

Xolile Mpisane|Published

UTEMBA Bavuma ukaputeni wamaProteas okukhona abafuna angadlali kwezayo eNdebeni yoMhlaba ngenxa yefomu ephansi ekushayeni ama-run Isithombe: SHUTTERSTOCK

ININGI labadlali beqembu lesizwe lekhilikithi labesilisa lizoya emdlalweni wokugcina wamaqoqo ngoLwesihlanu eNdebeni yoMhlaba lingenayo ingcindezi etheni kwazise seliyazi ukuthi seliphakathi kowandulela owamanqamu futhi liyazi ukuthi lizobhekana naliphi iqembu.

Nokho isimo sikaputeni uTemba Bavuma sithe ukwehluka njengoba kunemibuzo ezinkundleni zokuxhumana mayelana nefomu emidlalweni aseyidlalile kulo mqhudelwano. Usahlulekile ukushaya isibalo sama-run esibonakalayo emidlalweni aseyidlalile.

Ama-Proteas azodlala owokugcina wamaqoqo ne-Afghanistan eNahendra Modi Stadium, e-Gujarat, emdlalweni oqala ngo-10.30 ekuseni. Ukuwunqoba nokungawunqobi lo mdlalo ngeke kwenze umehluko omngakanani kwazise sekuqinisekisiwe ukuthi elakuleli lizobhekana ne-Australia kowandulela owamanqamu.

Okungase kushintshwe wumphumela walo mdlalo wukuthi amaProteas azoqeda endaweni yesibili noma yesithathu.

Umdlalo ubaluleke kakhulu kwi-Afghanistan engelinye lamazwe amathathu, ihambisana neNew Zealand nePakistan, alwela ukuqeda endaweni yesine. Elizogcina likhonyile kulawa amathathu lizotholana phezulu nosokhaya i-India komunye owandulela owamanqamu.

Yize bonke abadlali ababhethayo bamaProteas baphoxeka ngesikhathi beshaya udaka bebhekene ne-India ngeSonto, bhekhishwa bonke basashaye ama-run angu-83 kuphela, amehlo amaningi azobe ethe njo kuBavuma, ongakafinyeleli kuma-run angu-50 nakowodwa umdlalo kule Ndebe yoMhlaba.

Emidlalweni eyisithupha ayidlalile ushaye ama-run ayisishiyagalombili bebhekene neSri Lanka, angu-35 bedlala ne-Australia, angu-16 neNetherlands, angu-28 nePakistan, angu-24 neNew Zealand nangu-11 bexetshulwa yi-India.

Ngaphambi kokuza eNdebeni yoMhlaba uBavuma ubeza kahle emidlalweni yama-over angu-50 kulo nyaka. Ugqame kakhulu eshaya ama-run angaphezu kwangu-100 bebhekene ne-England, West Indies ne-Australia.

Emidlalweni emibili angayidlalanga kulo mqhudelwano ngenxa yokugula, indawo yakhe ithathwe nguReeza Hendricks owathola ama-run angu-85 bedlala ne-England nangu-12 bebhekene neBangladesh.

Yilezi zizathu okungenzeka ukuthi seziholele ekutheni abanye abalandeli bacele ukuthi uHendricks anikwe amanye amathuba okudlala, kuphunyuzwe ukaputeni kule midlalo ezayo.

UMusi Magalela ubhale kanje enkundleni yokuxhumana i-X: “UTemba Bavuma kumele akhishwe ngokushesha. Ungumuntu olungile kodwa imisebenzi yakhe ayimihle kule Ndebe yoMhlaba.”

UKefuwe Mahlangu uvumelene naye enkundleni yokuxhumana efanayo ethi: “UBavuma akangadlali ngoba akasiniki lutho kule Ndebe yoMhlaba futhi uReeza Hendricks wenze kahle ngesikhathi enikwa ithuba.”

Abanye abalandeli baphumele obala bezomeseka ukaputeni bethi amagalelo akhe yiwona afake leli qembu eNdebeni yoMhlaba.

USiphelele Mpohlo ubhale kanje: “Akukho Temba Bavuma ozokhishwa eqenjini. Nina nithanda ukutatazela nje. Uma ubuwalandela amaProteas uzokwazi ukuthi ubengumdlali wethu ohamba phambili kulo nyaka.”

UBavuma ubuziwe ngefomu yakhe ngaphambi kokuthi badlale ne-India.

Ephawula ngaphambi kokuthi babhekane ne-India uthe: “Siyazi ukuthi sonke sinakho okudingekayo ukuze sibhekane nezinselelo ezincane esidlula kuzona. Ngokwami ngidinga ukuqhubeka nokugxila endleleni engenza ngayo. Ngiqhubeke nokuzilungiselela ngendlela efanele. Uma ngenza lokho ngethemba ukuthi imiphumela emihle izolandela. Kufanele ngihlale ngiqinile ngokomqondo. Sisazodlala kulo mqhudelwano futhi ngikholwa wukuthi kukhona engisazokwenzela iqembu.”