Ezemidlalo

Umlando elabesifazane lombhoxo lingena kuma-Olympic

Xolile Mpisane|Published

LIZODLALA kuma-Olympic okokuqala ngqa, iqembu labesifazane lakuleli lesizwe lombhoxo weSevens ngemuva kokunqoba umqhudelwano weRugby Women’s Africa Sevens ngempelasonto eTunisia Isithombe: SITHUNYELWE

KUFEZEKE iphupho eqenjini lesizwe lakuleli labesifazane lombhoxo we-Sevens, ngesikhathi liqinisekisa ukuthi lizoba yingxenye yama-Olympic ngonyaka ozayo, eParis, eFrance. Iqembu linqobe isicoco seRugby Africa Women’s Sevens ngeSonto, eTunisia.

Imbokodo iye emqhudelwaneni seyazi ukuthi uma inqoba izovunyelwa ukuthi imele izwe eParis. Phambilini inqatshelwe kabili ukumela izwe ngabenhlangano eyengamele imidlalo yama-Olympic kuleli, iSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc).

Iqembu lakuleli layinqoba iRugby Africa Women's Sevens ngo-2015, nango-2019, futhi lalikulungele ukuya kuma-Olympic ngo-2016, eRio, naseTokyo ngo-2020. Ngeshwa lagcina lingayanga ngenhla yokuhoxiswa yiSascoc. Kuyona yomibili imiqhudelwano kwahamba iKenya, eyayilale isibili.

Leli qembu elicijwa nguRenfred Dazel, liguqise iKenya kowamanqamu alo mqhudelwano eTunisia, lanqoba ngo 12-7.

Ama-try embokodo ashaywe nguNadine Roos, noMaria Tshiremba, uRoos wengeza i-conversion eyodwa. I-try yokubika yeKenya, ishaywe nguSharon Auma, uGrace Okulu wayibeka phakathi i-conversion.

URights Mkhari, omunye wokaputeni beqembu, uthe abadlali bayaziqhenya ngempumelelo yabo.

“Kudingeke ukuthi silwe kanzima futhi kuyasijabulisa lokho. Siyaziqhenya kakhulu ngalokhu esikwenzile. Akekho olahle ithemba, besilokhu sigqugquzelana futhi siqinisekisa ukuthi omunye nomunye uyamlwelwa uzakwabo oseduze naye. Ekugcineni yilokho okwenze umehluko, sashaya i-try ngesikhathi sekubaluleke ngempela. Lokhu kunqoba kusivulele iminyango futhi nabanye sebezolandela ezinyathelweni zethu ngomuso,” kusho uMkhari.

UDazel, olekelelwa yingwazi yamaBlitzbokke uCecil Afrika, uhalalisele iqembu ngokugcina lilifezile iphupho lokubamba iqhaza kuma-Olympic.

“Ngizizwa ngijabule kakhulu ngabadlali abasebenze kanzima ukufeza lokhu. Sanqatshelwa ukuya kuma-Olympic ngo-2016 nango-2020, kodwa kulokhu sekuqinisekisiwe ukuthi siyaya. Ngijabule kakhulu,” kusho uDazel.

“Kusho lukhulu lokhu eqenjini lethu nasembhoxweni wabesifazane eNingizimu Afrika. Azokwanda amathuba abesifazane abadlala umbhoxo. Ikusasa libukeka liqhakazile.”

Ukunqoba kwembokodo kusho ukuthi iNingizimu Afrika izoba neqembu kuma-Olympic, njengoba elabesilisa lingakalitholi ithikithi lokuya eParis.