USELVYN Davids weqembu lesizwe lakuleli lama-Sevens ngesikhathi bedlala neKenya kowamanqamu we-Africa Men’s Sevens ngempelasonto Isithombe: BLITZBOKS TWITTER
LISENGCUPHENI yokungalubhadi kuma-Olympic azoba seParis, eFrance, ngonyaka ozayo iqembu lakuleli lesizwe labesilisa lombhoxo weSevens kulandela ukuhluleka ukubuya nesicoco se-Africa Men’s Sevens ngempelasonto.
AmaBlitzbokke aguqiswe yiKenya ngo 17-12 kowamanqamu, nosekuwashiye emfimfa amathuba okuthi abe semaqenjini azobanga izindondo eParis.
Aye kulo mqhudelwano obuseHarare, eZimbabwe, azi kahle kamhlophe ukuthi kumele awunqobe ukuze azibekisele indawo kuma-Olympic.
Awuqale kahle enqoba yomithathu imidlalo yamaqoqo, edla i-Ivory Coast ngo 39-0, iTunisia ngo 43-0, neMadagascar ngo 38-14.
Kwi-quarter-final adlule kwiNigeria ngo 27-0, aguqisa i-Uganda ngo 26-14 kowandulela owamanqamu.
Leli qembu elicijwa nguSandile Ngcobo belihamba phambili ngo 12-7 kuyiwa ekhefini kowamanqamu kodwa lagcina likhale ngaphansi njengoba iKenya ithole ama-try amabili esiwombeni sesibili ashaywe nguPatrick Odongo noJohn Okoth.
“Kunzima ukwamukela ukuhlulwa ngale ndlela ngemuva kokudlala umbhoxo osezingeni eliphezulu endleleni ebheke kowamanqamu,” kusho uNgcobo.
“Sihlale sihlose ukwenza iNingizimu Afrika iziqhenye, ngakho-ke ukuza kulo mqhudelwano wokuhlungela ama-Olympic bese siyahluleka ukwenza lokho kusidumaze kakhulu. Kudingeka sibe ngcono ukuze umsebenzi onzima esiwenzayo ulethe imiphumela emihle.
“Manje sesizoqala amalungiselelo eWorld Sevens Series ezoqala ngoDisemba, bese silungiselela nomqhudelwano ozoba yithuba lethu lokugcina lokuya eParis, uma sinikwa lelo thuba.”
Ama-Blitzbokke alahle ithuba lokuqala lokuzibekisela indawo kuma-Olympic ehluleka ukuba semaqenjini amane aqede phezulu ekupheleni kwesizini ka-2022/23 ye-World Sevens Series ka-2022/23 njengoba esephinde amosha elesibili.
Kungenzeka agcine elitholile ithikithi lokuya eParis ngokunqoba umqhudelwano wokugcina wokuhlunga ozodlalelwa eMonaco ngoJuni wonyaka ozayo.
Nokho kumele afongqe isigqoko ukuze athole imvume yokubamba iqhaza kulo mqhudelwano enhlanganweni eyengamele imidlalo yama-Olympic kuleli, iSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc).
UNgcobo unethemba lokuthi lizowasiza irekhodi elihle lamaBlitzbokke kuma-Olympic selokhu kwafakwa umbhoxo weSevens ngo-2016.
Athola izindondo zethusi kuma-Olympic ayebaseRio ngo-2016, aqeda endaweni yesihlanu eTokyo ngo-2021.
“Sinerekhodi elihle kuma-Olympic, yingakho sizwa ubuhlungu ngoba siyazi ukuthi singalwela izindondo, yize singakukhombisanga lokho emdlalweni wamanqamu,” uNgcobo ukhale kanje.
“Leli qembu lisethubeni lokulwela ngisho indondo yegolide, sikukhombisile lokho kumaCommonwealth Games ngonyaka odlule, kodwa asikwazanga ukuhlanganisa izinto emdlalweni omqoka kakhulu ngeSonto. Siphoxeke kakhulu.”
Related Topics: