Ezemidlalo

AmaBlitzbokke azolwela ukuya kuma-Olympics

Xolile Mpisane|Published

USANDILE Ngcobo umqeqeshi weqembu lesizwe lebhola lombhoxo lama-Sevens uyasithemba isikwati asihlanganisele ekuhlungela ama-Olympics Isithombe: BACKPAGEPIX

UNETHEMBA lokuthi uhlanganise iqembu elizowufeza umsebenzi wokufaka iNingizimu Afrika kuma-Olympics azobanjelwa eParis, eFrance, ngonyaka ozayo, umqeqeshi weqembu lakuleli labesilisa lombhoxo wohlobo lweSevens, uSandile Ngcobo, phezu kokuba engekho ukaputeni uSiviwe Soyizwapi.

UZoyizwaphi akekho eqenjini elizolwela isicoco se-Africa Men’s Sevens kusukela ngoMgqibelo, kuze kube yiSonto ngemuva kokulimala edolweni ekhempini ngenyanga edlule. Abanye abangalulungele lolu hambo lwakusasa olubheke eHarare, eZimbabwe, nguMfundo Ndhlovu noShaun Williams, abangakalulami.

Iqembu lamaBlitzbokke lihlanganise abadlali abangomakadebona njengoRosko Specman, Selvyn Davids, Zain Davids noRonald Brown kanti lizobe liholwa ngu-Impi Visser.

“Lona wumqhudelwano omkhulu kithina, ngakho-ke kuhle ukuthi kunabadlali abakhombise ubuholi ngemuva kokulimala kukaShakes (Zoyizwaphi). U-Impi useke walihola iqembu emiqhudelwaneni emikhulu phambilini futhi uzokwazi ukumelana nalo mthwalo futhi ngeke kuphazamise indlela adlala ngayo,” kusho uNgcobo.

“USpecman yena uzovala isikhala sika-”Shakes“ eqenjini futhi uzodlala ngasophikweni kulo mqhudelwano. Sonke siyazi ukuthi ungumdlali onjani. Ukubuya kwabadlali abanjengoSelvyn, Justin (Geduld) noRonald kusinika izindlela ezehlukene zokudlala kodwa iqembu kuzofanele libambisane.

“Abadlali bethu baphambili babaluleke kakhulu ngoba yibona abavumela laba abanejubane ukuthi badlale ngendlela abafuna ukudlala ngayo. Sisaqhubeka nomqondo wokubeka iqembu phambili.”

AmaBlitzbokke aqede endaweni yesikhombisa kwi-log ekupheleni kwesizini ye-World Sevens Series ka-2022/23, ehluleka ukuba ngelinye lamaqembu amane asheshe angena kuma-Olympics.

Emqhudelwaneni waseHarare amaBlitzbokke azodlala eyamaqoqo kuPool A neMadagascar, Tunisia ne-Ivory Coast. KuPool B kukhona iKenya, Zambia, Namibia neNigeria kanti kuPool C kune-Uganda, Zimbabwe, Burkina Faso ne-Algeria.

Iqembu elizonqoba kowamanqamu lizobe selizibekisele indawo kuma-Olympics. Lawa azolala isibili nesithathu azothola ithuba lokugcina lokuthola ithikithi lokuya eParis ngokudlala kwi-2024 Final Olympic Qualification Tournament ngoJuni, wonyaka ozayo, sekusele inyanga eyodwa ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo.

Iqembu likaNgcobo lizobhekana ne-Ivory Coast ngo-10.50 ekuseni ngoMgqibelo, iTunisia ngo-1.34 emini bese isongo eyamaqoqo neMadagascar ngo-4.18 ntambama.