UGERALD Coetzee wamaProteas ngesikhathi bedlala ne-Australia koweT20 ngeSonto Isithombe: BACKPAGEPIX
KULINDELEKE ukuthi abambelele kubadlali asebevivinyiwe uma esememezela isikwati esizodlala eNdebeni yoMhlaba ngoLwesibili, umqeqeshi weqembu lesizwe lekhilikithi yabesilisa, uRob Walter.
INdebe yoMhlaba yosuku olulodwa (ODI), lapho iqembu ngalinye linikezwa khona ama-over angu-50 ukuthi lishaye ibhola, izobanjelwa e-India kusukela ngo-Okthoba 5 kuya kuNovemba 19.
NgeSonto amaProteas aqede uchungechunge lwemidlalo yeT20 ne-Australia. Ahlulwe kuyona yomithathu imidlalo. Kowokuqala ashaywe ngama-run angu-111, kowesibili ngamawikhethi ayisishiyagalombili kwathi kowokugcina ngeSonto aguqa ngamawikhethi amahlanu.
Kulo luchungechunge lwe-T20 ama-Proteas aphumuze idlanzana labadlali abanamava kwafakwa abebeqala ukudlala kuwo okukhona uDonovan Ferreira, Matthew Breetzke, Dewald Brevis noGerald Coetzee.
UWalter uvumile ukuthi lo luchungechunge aluzange luhambe njengoba bebehlelile kodwa ukholwa wukuthi kukhona iqembu elikufundile, ikakhulukazi abadlali abasebancane.
“Kufanele ngilibeke ngembaba elokuthi bebengcono kunathi kulo luchungechunge, ekushwibeni nasekushayeni. Nokho kuningi esikubonile okuthembisayo, ngicabanga ukuthi sithuthukile njengeqembu ngesikhathi uchungechunge luqhubeka.
“Okucacile kulo luchungechunge wukuthi kufanele sishwibe kahle ngaso sonke isikhathi. Wonke amabhola abengemahle, bakwazile ukuwashaya bawakhiphela ngaphandle kwenkundla. Abashwibi bethu bebengaphansi kwengcindezi futhi siyavuma ukuthi besingekho ezingeni elifanele kodwa sithole nezifundo ezinqala kule midlalo,” kusho uWalter.
AmaProteas ne-Australia sebezohlangana ochungechungeni lwemidlalo emihlanu yosuku olulodwa ezoqala ngoLwesine eMangaung Oval eBloemfontein.
Ngaphambi kwalokho, uWalter uzobe esesimemezelile isikwati sabadlali abangu-15 esizodlala eNdebeni yoMhlaba nabadlali abathathu abazovala izikhala uma kubakhona abalimalayo.
“Abadlali abawumgogodla weqembu lethu bayazazi ngoba sesibe ndawonye isikhathi eside. Bekusemqoka ukuthi silimemezele iqembu ngaphambi kokungena ochungechungeni lwe-ODI ngoba lokho kuzosinika ithuba lokudlala ngendlela ebesilokhu sizama ukudlala ngayo kulo nyaka.”
Kubadlali abebengeyona ingxenye yemidlalo yeT20 abazobuya ochungechungeni lwe-ODI kukhona uQuinton de Kock, uHeinrick Klaasen, uDavid Miller, u-Anrich Nortje noKagiso Rabada.
UWalter ukholelwa ekutheni ukubuya kwabo kuzoliqinisa iqembu emidlalweni emihlanu ezayo ne-Australia.
Uthe kuzobuya abadlali abahlanu abamqoka ngakho-ke kuzobasiza ukusebenzisa umfutho namava abo. Bazobe belungiselela iNdebe yoMhlaba ngakho le midlalo emihlanu ibaluleke kakhulu kubona.
Related Topics: