Ezemidlalo

IBafana Bafana ne-Nigeria eqoqweni elilodwa eNdebeni yoMhlaba ka-2026

Intatheli Yezemidlalo|Published

ABADLALI beqembu lesizwe iBafana Bafana bejabula ngemuva kwegoli likaPercy Tau bebhekene neMorocco enkundleni iFNB Stadium, eGoli Isithombe: Muzi Ntombela/BackpagePix

IBAFANA Bafana izobhekana nezimbangi zayo ezinkulu e-Afrika, iNigeria, ku-Group C wemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.

Ukuqhathwa kwamazwe azomela i-Afrika kwenzelwe e-Ivory Coast ngoLwesine ntambama lapho iNingizimu Afrika ne-Super Eagles betonyulwe ne-Benin, iZimbabwe, iRwanda neLesotho.

IZimbabwe ingene kamuva ohlelweni lokuqhathwa kulandela ukuphela kwesigwebo sayo sokumiswa yiFifa iminyaka emibili. IZimbabwe izithola kuleli qoqo nje nasemidlalweni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) yayiseqoqweni linye neNingizimu Afrika kodwa yagcina ingadlalanga ngenxa yokumiswa kwayo. Abaningi bakholelwa ukuthi lokhu kwenza lula indlela yeBafana ebheke e-Ivory Coast lapho kuzodlalwa khona i-Afcon ngonyaka ozayo.

Izikhulu zenhlangano yebhola kuleli iSouth African Football Association, ebeziholwa umengameli wayo uDanny Jordaan ne-CEO uLydia Monyepao bezethamele umcimbi wokuqhathwa kwamazwe okwenzeke emhlanganweni omkhulu we-CAF, i-45th CAF Ordinary General Assembly, enhlokodolobha yase-Ivory Coast i-Abidjan.

Amazwe aqhathwe ku-Group A yi-Egypt, Burkina Faso, Guinea-Bissau, Sierra Leone, Ethiopia ne-Djibouti. Iqoqo u-Group B lona lakhiwe i-Senegal, Democratic Republic of Congo (DRC), Mauritania, Togo, Sudan, ne-South Sudan.

Amazwe aqeda ephezulu kula maqoqo ayisishiyagalolunye yiwo azoqhubekela phambili ayodlala umqhudelwaneni wamanqamu we-Fifa World Cup ngo-2026 eCanada, Mexico nase-United States.

Amanye amaqoqo okuhlungela iNdebe yoMhlava e-Afrika ami kanje:

Group D: Cameroon, Cape Verde, Angola, Libya, Eswatini, Mauritius

Group E: Morocco, Zambia, Congo Brazzaville, Tanzania, Niger, Eritrea

Group F: Ivory Coast, Gabon, Kenya, Gambia, Burundi, Seychelles

Group G: Algeria, Guinea, Uganda, Mozambique, Botswana, Somalia

Group H: Tunisia, Equatorial Guinea, Namibia, Malawi, Liberia, Sao Tome e Principe

Group I: Mali, Ghana, Madagascar, Central African Republic, Comoros, Chad