INDODANA yolahleko uDani Alves osebuyele ekhaya kwiBarcelona, yathathwa ixinwe kabi umdlali weBayern Munich uBastian Schweinsteiger kweminye yemidlalo yeChampions League okumele asebenze ngokuzikhandla ngokuthi izibekisela indawo kulo mqhudelwano ngokuphela kwesizini Isithombe: REUTERS
KUNGAKAPHOLI maseko iBarcelona iqashe uXavier Hernandez Creus, odume ngelikaXavi, njengomqeqeshi omusha isisayinise umakadebona wesiqongqwane uDani Alves osuka kwiSao Paulo FC yaseBrazil.
U-Alves (38) osekhuza ibuya kwiBarcelona, usayine inkontileka emfushane ezophela ngokuphela kwale sizini, kulindeleke ukuba aqale ukudlala ngoJanuwari kuleli qembu.
Akungatshazwa ukuthi ukuthatha izintambo kukaXavi kwiBarca kube nomthelela omkhulu ekunxenxeni u-Alves, obengasenalo iqembu kulandela ukunqamula kwakhe inkontileka neSao Paulo ngoSepthemba ngenxa yokungavumelani ngemali.
Amava ka-Alves oseyinkunzi emidwayidwa yiwona kanye alandelwe wona kuleli qembu eselicijwa nguXavi, odlale naye u-Alves kuleli qembu eminyakeni edlule.
Lesi siqongqwane saseBrazil sinqobe inqwaba yezicoco neBarca kumasizini ayisishiyagalombili sigijima kuleli qembu laseSpain, okubalwa kuzo ezintathu ze-Uefa Champions League nezintathu zeFifa Club World Cup.
Emuva kokumemezela ngokusemthethweni kweBarcelona ngokusayina kwakhe kuleli qembu, u-Alves akapholisanga maseko wabhala kwi-Instagram yakhe, ethi: “Ngangazi enhliziyweni yami naphakathi emphefumulweni wami ukuthi luzogcina lufikile lolu suku, noma bengingazi ukuthi kuzothatha isikhathi esingaka. Ngibuyela ekhaya engangingashiyanga kulona, futhi engangishilo ngaphambi kokuba ngihambe ukuthi ngingomunye walo.”
U-Alves osanda kunqoba indebe yama-Olympic neqembu lesizwe laseBrazil lika-Under 23, eTokyo, eJapan, enezezela kwezinye izicoco ezimbili zeCopa America nezimbili zeConfederation Cup azinqobe neBrazil, emuva kwamasizini ayisishiyagalombili ekwiBarca, ushiye leli qembu laseSpain ngo-2016 wajoyina iJuventus yase-Italy.
Waphinde wajoyina iParis Saint-Germain (PSG) yaseFrance adlale kuyona amasizini amabili, ngaphambi kokubuyela kwelakubo eBrazil ejoyina iSao Paulo ngo-2019.
EzikaXavi okumanje zihlezi endaweni yesishiyagalolunye kwi-log yeLa Liga, zizobuyela ensimini ngokududulana ne-Espanyol, kowomkhaya baseBarcelona, eCamp Nou, eBarcelona, ngoNovemba 20. - REUTERS