U-Anthony Agay weKaizer Chiefs oseguqulwe umdlali wasemuva kulandela ukungenzi kahle esiswini. Isithombe: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weKaizer Chiefs uGavin Hunt, uphumele obala ngendlela azizwa ngayo ngomdlali wezakhe abangamuzwa kahle abanye abalandeli beqembu. Lo mdlali u-Anthony Akumu Agay waseKenya ongomunye wabadlali abasayinwe ngaphansi kuka-Ernst Middendorp kwiChiefs ngesizini edlule.
Ufike aziwa njengomdlali wasesiswini futhi kubhekwe lukhulu kuyena. Nokho emidlalweni ayidlalile kucacile ukuthi akanawo amava okudlala esiswini, kwazise akasheshi, ulahla ibhola njalo futhi akamaki njengomuntu wasesiswini.
Sekushintshile konke lokho njengoba uHunt nethimba labaqeqeshi kwiChiefs bemguqulile lo mdlali, bamdlalisa emuva. Ushaya into ecokeme kakhulu u-Agay, kangangoba ezakhe sezinqobe imidlalo emibili kulandelana ekule ndawo.
Empeleni kube yishwa ukuthi u-Agay angawutholi umklomelo womdlali ovelele emidlalweni emibili enqotshwe yiChiefs ibhekene naMaZulu FC neCape Town City.
Kube ngesifanayo ngempelasonto, u-Agay evimba kwasani emuva kwiChiefs yehlula iCape Town City ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership obuseKapa. Ukunqoba kweChiefs bekusho ukuthi inqoba umdlalo wayo wesithathu kule sizini, futhi bekungokokuqala selokhu kuqale isizini ukuthi ezikaHunt zinqobe imidlalo emibili kulandelana.
Amagoli anike amaphuzu amathathu Amakhosi avalelwe phakathi uNkosingiphile Ngcobo noHappy Mashiane ngesiwombe sokuqala. Elokubika leCity lishaywe uFagrie Lakay ngasekupheleni kwesiwombe sesibili.
Ebuzwa ngo-Agay ngemuva komdlalo uHunt, uphumele obala okokuqala ngalo mdondoshiya wensizwa yaseKenya.
"Noma kungathiwani, akayena nhlobo umdlali wasesiswini. Angikhathali ungathini, akayena. Angazi esayina wayesayinwe kuthiwa uzodlalaphi, kodwa cha kangiyivumi eyesisu. Simdlalise emuva ngoba sinenkinga, silinyalelwe abadlali, wasigeza ubebebe njengoba eshaya into ecokeme. Nasemdlalweni weCity ngicabanga ukuthi usisize kakhulu kabi, kwangathi kungaqhubeka," kusho uHunt.
Sekuqala ukuzwela nokho kuHunt, ukudlala njalo ngemuva kwezinsuku ezimbili kwazise badlala nakwiCAF Champions League. Ngemuva kokuthi iCity ingenelwe amagoli amabili. Ibuye ngamandla, ihlasela iphindelela. Lokhu kudale ukuthi iChiefs ihlale emuva cishe sonke isiwombe sesibili, iphunga izitha.
"Sidlale neCity ebingcono kakhulu kunathi kwazise ibiphumule, thina sidlala njalo ezinsukwini ezimbili. Akulula neze. Sisesikhathini lapho khona kufanele siqoqe amaphuzu, singabheki ukuthi sidlala nobani nokuthi sidlalela kuphi. Ngesikhathi sidonsa kanzima kwiPremiership, amaphuzu singawatholi, abantu bebekhuluma zonke izinto lezi. Sekuyisikhathi sokuthi siqoqe amaphuzu, sikhuphuke kwi-log, okunye nokunye sizokubona uma sesisendaweni enhle kwi-log," kusho uHunt.
Kuzomjabulisa uHunt ukubuya kukaLebogang Manyama noLeonardo Castro abebelimele kwiZimpofana. Abanye abadlali abangakabuyi kuleli qembu u-Eric Mathoho obhekene nesifo ekhaya, noWillard Katsande osalimele, uKhama Billiat naye kubikwe ukuthi usazongabonakali ngenxa yokulimala. Kusasa iChiefs izobhekana neTshakhuma FC eFNB Stadium ngo-5 ntambama.