UJOHN Maduka, ongase aqophe umlando ongagcina umenzele ugazi kubanikazi beqembu uma engase anqobe indebe iNedbank Cup ezolenza lidlale emidlalweni yeCaf Confederation Cup Gavin Barker/BackpagePix
UMQEQESHI weBloemfontein Celtic uJohn Maduka, ubhekene nenselelo yokuzakhela ugazi kubalandeli baleli qembu ngokuthi anqobe isicoco seNedbank Cup okokuqala ngqa, emuva kweminyaka engu-35 lagcina ukuwina lendebe.
ICeltic yagcina ukuwina le ndebe ngo-1985 isabizwa ngeMainstay Cup ngokuguqisa i-African Wanderers ngo 2-1 isagijima ngezinkakha okubalwa kuzo o-Ernest “Wire” Chirwali, Eden Katango, John “Ten Percent” Serathi nezinye.
Kulo mqhudelwano ozoyithatha uyifake kwiCaf Confederation Cup uma inqoba, iCeltic izotholana phezulu neMamelodi Sundowns kowamanqamu, eDr Molemela Stadium, eFree State ngoSepthemba 8.
ICeltic ifinyelele kowamanqamu eNedbank Cup ngokugudluza endleleni iBaroka FC ngo 3-0 kuma semi-final. Okokuqala ukuthi leli qembu lifinyelele kowamanqamu eNedbank Cup kusukela yaqala ngesizini ka-2007/08.
UMaduka (49), akakufihli ukusha amashushu nentshisekelo kwakhe ngokudla isicoco seNedbank Cup.
“Uma nje sesifikile kowamanqamu sekungenzeka noma yini. Siyafuna ukusinqoba lesi sicoco,” usho kanje uMaduka ekhuluma nomunye umthombo wezindaba ngasekupheleni kukaJulayi.
Ngaphandle kwenselelo yokuqopha umlando ngokunqoba indebe yeNedbank, alandele ezinyathelweni zomkhaya wakhe uChirwali (Mtawali) owayeyisihlabani saleli qembu lidla isicoco seMainstay Cup ngo-1985, uMaduka ubhekene nenye inselelo yokugeza igilo abaphathi baleli qembu ngokunqoba isicoco. K
uzomele aphinde abeke iqembu endaweni engcono kwi-log njengoba enzile ngesizini edlule nobenguzakwabo uLehlohonolo Seema bebeka leli qembu kuTop 8, kungalindele muntu.
Le nkakha edabuka eMalawi, yayiyinjini ngezikhathi zayo yafike yaba ngenye yezinsika kuleli qembu ake aba nangukaputeni walo, ngaphambi kokuba angene ekuqeqesheni.
Ngaphambi kokuba aqeqeshe kuleli qembu, uke wasebenza njengemenenja wabe eseba yiphini kubaqeqeshi abehlukene, asebeke bayibamba kula masizini edlule, okubalwa kubo uVeselin Jelusic noSteve Komphela.
Ube eseyibamba noLehlohonolo Seema ekucijeni emuva kokushiya kukaKomphela ojoyine iGolden Arrows.
Ukushiya kukaSeema, osekwiChippa United kusukela ezinyangeni ezimbili ezedlule, kudale ukuthi kujutshwe uMaduka ngabaphathi baleli qembu ukuthi alihole esizwa ngu-Abram “Wire” Nteo.
Ngakho akungatshazwa ukuthi uma ekwazile ukubeka iqembu okungenani kuTop 8 (noma engasayinqobanga iNedbank Cup), usengakwazi ukugixabezwa ngabaphathi beqembu ngenkontileka edle ngokusamthanyana ngaphambi kokuqala kwesizini ezayo.
Ukunqoba le ndebe kungathoba abalandeli amanxeba avulekile ngenxa yokuthi belithengiswa njengoba konke kubukeka sekubuyele esimeni.
Obekwenza bungehli ubuthongo kubalandeli bekwukuthi umuntu obefuna ukulithenga, uTim Sukazi, ungowaseMpumalanga.
Bekuzophoqa ukuthi kungabi naqembu kuleli dolobha nobekuzosho ukuphela komsizilo walo engasekho uMolemela okunguyena owalibeka emlandweni webhola laseNingizimu Afrika, ngokuthi linqobe le ndebe ngokokuqala emlandweni walo ngaphansi kobuholi bakhe.
Abalandeli bebesabisa ngokuyisa usihlalo walo uMax Tshabalala enkaqntolo ngenhloso yokuvimbela ukuthengiswa kwalo.
Impi ilanyulwe ngusomabhizinisi wakhona uLebohanga Mokoena, ongenele ngokulixhasa ngezimali ukuze liqhubeke nokuzinza eMangaung.