Ezemidlalo

Babhonga emswaneni ngoMgijimi weBucs

Lungile Majoka|Published

ABALANDELI be-Orlando Pirates bakhalela uMgijimi okusolwa ukuthi udliwe yiCovid-19 Isithombe: BACKPAGEPIX

ABALANDELI be-Orlando Pirates bakhalela uMgijimi okusolwa ukuthi udliwe yiCovid-19 Isithombe: BACKPAGEPIX

USALE ethukile uMama-Joy Chauke ongomunye wabalandeli bokuqina be-Orlando Pirates, kudlula emhlabeni uzakwabo abebeyibambe naye belandela iiqembu ngokungakhathali, uMandla “Mgijimi” Sindane (osesithombeni).

Okumangaze uMama-Joy ngalezi zindaba, uthe wukuthi uMgijimi ubemqinisa idolo ngesikhathi lisho ukumjuqa igciwane icorona esesibhedlela emasontweni edlule.

BEKUNGATHI bayasibona isimo esizayo abalandeli beKaizer Chiefs kulesi sithombe sangoFebhuwari 2020 “bengcwaba i-Orlando Pirates iphila” njengoba ibhonga emswaneni kushona omunye wabalandeli bayo abaqavile Isithombe: MUZI NTOMBELA/BackpagePix

I-Kick-Off icaphune umfowabo kaMgijimi eqinisekisa ukuthi le nsizwa ebidume ngokuzipenda ibe mhlophe umzimba wonke ngokusampushana ezinkundleni, idlule emhlabeni ngoMsombuluko.

Kuthiwa uke wakhala ngokungakwazi ukuphefumula kahle kodwa bazitshela ukuthi kuzodlula. Bamthola esethule lapho ehlala khona ngoLwesibili ekuseni.

“Ngisesibhedlela, besihlezi sikhuluma kui-WhatsApp engitshela ukuthi angingamshiyi yedwa. Ethi usafuna siqhubeke “reja joy” kanti uyena ozohamba ashiye mina.

“Ngizomkhumbula ngokuthi uma efike kuqala enkundleni ubengibekela indawo. Yingakho besihlezi sivela ndawonye ezithombeni. Ubengihlonipha.

“Ngesikhathi efika ubewu Madl’isinkwa abantu bengamfuni kodwa safika sazwana naye njengoba egcine esezishintsha eba wuMgijimi.

“Angazi mhlawumbe ubeboniswa ukuthi usezohamba ngoba uma sikhuluma naye ubelokhu encokola ngokuthi uma efa ufuna ngibatshele abantu ukuthi uMgijimi ubengubani.

“Buka manje ngenxa yeCorona ngeke angikwazi nokuyomfihla. Emndenini wakhe ngithi abalahlekelwanga bodwa kodwa silahlekelwe sonke,” kusho uMama-Joy.

Uthe useyalulama kubhubhane obelusho ukumuka naye.

“Sengiphumile esibhedlela. Ngicabanga ukuthi mina ngibe nenhlanhla kakhulu.

“Ngesikhathi kungihlasela ukugula ngavaleka umoya, ngaquleka. Kuyasiza nokuhlezi ngigqoke izikibha zePirates ngoba kwathi kwenzeka babona ukuthi uMama-Joy bangiphuthumisa esibhedlela ngokushesha.”

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane ubhale ekhasini lakhe kwiTwitter, wathi:

“Mgijimi sizokukhumbula mfowethu. Nixole Buccaneer.”

USaddam Maake ongumlandeli weKaizer Chiefs, naye uphawulile enkundleni yokuxhumana iTwitter, wathi: “Tjovitjo Mgijimi. Sikubonga ngokunikela ngempilo yakho ebholeni.

Ngokweseka iqembu lakho njalo ebuhleni nasebubini. Ube yiBuccaneer ngokweqiniso.

Umndeni ududuzeke, abalandeli bePirates nabangani. Ulale ngokuthula Sandile ‘Mgijimi’ Sindane.”