ABEKELWE uR1 million amaqembu abesifazane enze kahle kwiSafa Women’s National Soccer League obekungeyokuqala kule sizini esongwe ingakapheli ngenxa yeCovid-19.
Yize imidlalo ingazange iphele kodwa iqembu labesifazane leMamelodi Sundowns yilona elichonywe uphaphe lwegwalagwala, laba ngompetha bokuqala bale ligi.
Bese kusele umdlalo uwodwa ukuthi iligi isongwe ngesikhathi imiswa yiCovid-19. ISundowns ibingakaze ishaywe emidlalweni ewu-21, yayoqa amaphuzu awu-63.
ISafa ikuqinisekisile ngenyanga edlule ukuthi iSundowns iyona engompetha. I-JVW neMa-Indies kube ngamaqembu amabili azokhuphukela kule ligi ngesizini ezayo, ngemuva kokudlala kowamanqamu kweyokuhlunga kazwelonke kwiSasol Provincial League.
Bekunemibuzo ngokuthi ngabe iqembu elingompetha beWomen’s National League lizohlomula kangakanani.
Isikhulu esiphezulu esibambile kwiSafa, uTebogo Motlanthe, sikucacisile lokhu.
“ISundowns izothola uR500 000. Empeleni imali yomklomelo uR1 million ozohlukaniswa phakathi kwendawo yokuqala kuya kweyesine,” kusho uMotlanthe kwiSouth African Football Journalists Association.
Endaweni yesibili kwi-log kuqede iTshwane University of Technology ngamaphuzu awu-54. Indawo yesithathu ithathwe yiBloemfontein Celtic Ladies ngamaphuzu awu-40, kwathi iFirst Touch Academy yalala isine ngamaphuzu awu-34.
UMotlanthe uthe amalungiselelo esizini entsha aseqalile kodwa okumqoka wukuthi kuklonyeliswe labo abenze kahle kwisizini esisongiwe.
“Kumele siqale sihloniphe siphinde siklomelise kahle ompetha nabadlali abenze kahle.
"Njengoba isigungu esiphezulu sesinqumile ukuthi isizini isiphelile kumele siyisonge kahle. Sihlela umcimbi omncane lapho sizonikeza ompetha indebe yabo nemali.
"Mayelana nokuqala kwesizini entsha, konke kuncike ezinqumeni zesigungu esiphezulu esithe kumele imidlalo ibuye uma sekuphephile ukukwenza lokho,” kusho uMotlanthe.
IRichmond Ladies neTsunami Queens, baqede emsileni ngokulandelana kodwa ngeke badliwe yizembe. Ukukhushulwa kweJVW neMa-Indies kusho ukuthi asezoba ngu-14 amaqembu azodlala kwiWomen’s National League.
Nakuyona isizini ezoqala alikho iqembu elizodliwa yizembe njengoba inhloso kuwukuthi iligi igcine inamaqembu awu-16. Ngemuva kwalokho kuzobe sekuqala ukuthi kube khona amaqembu ehlayo ngesikhathi kukhushulwa amanye.