BASEMGONQWENI onompempe abathathu okutholakale ukuthi banegciwane iCorona ngesikhathi inhlangano eyangamele ibhola iSouth African Football Association (Safa) ibahlola ukuthi ngabe bakulungele yini ukuphatha imidlalo yePremier Soccer League (PSL).
ISafa iqale ngempelasonto ukuhlola onompempe okumele baphathe imidlalo yePSL, osekuqinisekisiwe ukuthi izoqala ngo-Agasti 8 ngemidlalo eyandulela owamanqamu weNedbank Cup.
Izindaba zonompempe ababuye nemiphumela ekhomba ukuthi banalo igciwane, ziqinisekiswe udokotela weSafa, uThulani Ngwenya, okunguyena oqokelwe ukubheka ukuthi iyalandelwa yonke imigomo yokuphepha ngokubuya kwemidlalo njengokusho kukahulumeni.
“Bathathu kuphela onompempe abatholakale beneCovid-19 kodwa bonke bebengenazo izimpawu. Siyasibheka isimo sabo zonke izinsuku. Bagonqile kwenye ingxenye yehhotela,” kusho uNgwenya esitatimendeni seSafa.
Onompempe bahleli eRoad Lodge Hotel, eGoli. Ekhuluma naleli phephandaba izolo ekuseni, uNgwenya, ukucacisile ukuthi lena yimiphumela yeqoqo lokuqala lonompempe ebelisafikile ukuze lihlolelwe igciwane.
“Bangu-37 onompempe abasahloliwe. Silindele ukuthi ingxenye yesibili ifike namuhla noma kusasa. Sesisonke isibalo esisebenzela kusona ngu-97. Lapha kuhlanganisa amaphini onompempe nabaphathi bemidlalo (match commissioners),” kusho uNgwenya.
Ngesikhathi usihlalo wePSL, u-Irvin Khoza, eqinisekisa ukubuya kwemidlalo ukuze kuqedelwe isizini ka-2019/2020 uthe balindele ukuthi amaqembu aye lapho ezogonqa khona kusukela ngo-Agasti 7.
Uphinde waveza ukuthi abadlali nabo bonke abaseqenjini bazophinde bahlolwe ngaphambi kokuthi baye emahhotela aseGauteng abazohlala kuwona ngesikhathi kuqedelwa imidlalo. Yonke imidlalo izodlalelwa kulesi sifundazwe.
UNgwenya uthe nonompempe bazophinde bahlolwe ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo.
“Okwamanje bazohlala lapha njengoba kusafanele benze nezivivinyo zokuthi bayimiqemane yini ngokwemizimba ukuthi bangaphatha imidlalo. Okunye wukuthi ngokwemigomo kuyimpoqo ukuthi baphinde bahlolelwe iCovid-19 okwesibili,” kusho uNgwenya.
NgokukaKhoza balindele ukuthi imidlalo yeligi isongwe ngesonto lokuqala kuSepthemba, bese kuthi isizini ivalwe ngowamanqamu weNedbank Cup ekupheleni kwawo uMandulo.