ISILOMO somgadli weTottenham Hotspurs, uSon Heung-min, nesitifiketi sakhe ngemuva kokuphothula ukuqeqeshwa emasosheni Isithombe: AP ISILOMO somgadli weTottenham Hotspurs, uSon Heung-min, nesitifiketi sakhe ngemuva kokuphothula ukuqeqeshwa emasosheni Isithombe: AP
ISILOMO seTottenham Hotspur, uSon Heung-min, sigcine sikuphothulile ukuqeqeshwa emasosheni angakubo eSouth Korea kanti imibiko yangoLwesihlanu ithi uthole nomklomelo wokubaqwaqwada bonke emakhanda ozakwabo abangu-157 abenabo enkanjini.
USon, odlala phambili kwiHotspur, ujoyine amasosha emasontweni edlule ngenxa yokuthi kuwumthetho eSouth Korea ukuthi bonke abesilisa abangakhubazekile kumele bangene embuthweni iminyaka emibili.
Nokho yena uthole ushwele onikwa bonke abadlali ababuya negolide kuma-Asian Games noma ababuya nanoma yiluphi uhlobo lwendodo kuma-Olympic Games.
NGEMUVA kokuphothula ukulolongwa emasosheni uSon Heung-min ulibangise eLondon lapho eseyolindela ukuhlangana khona neqembu lakhe eliphazanyiswe yicoronavirus Isithombe: REUTERS Ngemuva kokuphothula lokhu kuqeqeshwa, uSon ohole izwe lakhe kuma-2018 Asian Games emqhudelwaneni webhola, usamelwe wukusebenzela umphakathi amahora angu-544 zingakapheli izinyanga ezingu-34.
"Uhlabane ngePilsung - omunye wemiklomelo emihlanu enikwa abantu abenze kahle ukwedlula abanye (ekulolongweni kamasosha aseSouth Korea),"umthombo wezindaba wakuleliya lizwe iYonhap icaphuna isikhulu seMarine Corps enkanjini eJeju.
"Zonke izivivinyo zahlulelwe ngokulingana kuwonkewonke futhi abebebhekelela ukulolongwa kwakhe bathi usebenze ngokuthembeka."
Ulolongwe ngisho nangokusebenzisa izikhali emasosheni umdlali weTottenham Hotspurs Isithombe: AP Abaya enkanjini babhekana nesisi esikhalisa unyembezi futhi basebenzisa nezikhali ngesikhathi bekuma marines.
Ngaphambi kokuya emasosheni uSon uqale ngokuzivalela ngenhloso yokucoba igciwane (quarantine) amasonto amabili ngesikhathi efika eSeoul evela eLondon ekupheleni kukaMashi.
Bekuphusile kuSon ukuthi ayophothula lokhu kuqeqeshwa ngesikhathi usamisiwe unobhutshuzwayo e-England njengasemhlabeni wonke ngenxa yecoronavirus.
Lo mgadli selokhu agcina ukudlala ngoFebhuwari 16 elimala engalweni bedlala ne-Aston Villa.