IZINKAKHA zikanobhutshuzwayo zaKwaZulu-Natal lapha umufi uCedric "Sugar-Ray" Xulu egcina ukuhlangana nomlingani wakhe uClive Barker emcimbini wemiklomelo njengoba kubonakala intatheli yeSolezwe ethwele umqhele weSA Sports Journalist of the Year 2019, uNduduzo Dladla Isithombe: MALIBONGWE MDLETSHE IZINKAKHA zikanobhutshuzwayo zaKwaZulu-Natal lapha umufi uCedric "Sugar-Ray" Xulu egcina ukuhlangana nomlingani wakhe uClive Barker emcimbini wemiklomelo njengoba kubonakala intatheli yeSolezwe ethwele umqhele weSA Sports Journalist of the Year 2019, uNduduzo Dladla Isithombe: MALIBONGWE MDLETSHE
OWAYEQEQESHA iBafana Bafana, uClive “The Dog” Barker, uthi uCedric “Sugar Ray” Xulu ungomunye wabadlali abaphezulu aseke wasebenza nabo engumqeqeshi.
UXulu, owayaziwa ngoSugar Ray ngezikhathi zakhe zebhola, udlule emhlabeni ngoMsombuluko eneminyaka engu-81. Ubehlushwa wumdlavuza wendlala yamadoda. Ushonele esibhedlela iSt Mariy’s, eMariannhilll.
Wayeyiyibamba ngenxele ngesikhathi esagijima kuMaZulu lapho ayethandwa khona kakhulu ngabalandeli.
UBarker, owawina i-Africa Cup of Nations (Afcon) neBafana Bafana ngo-1996, uchaze uXulu njengenkunzimalanga.
UCedric ‘Sugar Ray’ Xulu osishiye emhlabeni ekuqaleni kwesonto
“Nganginaye njengomdlali eqenjini lami. Akungabazeki ukuthi ungumdlali onekhono engake ngasebenza naye, owayedlala ngesokunxele . Wayenokuzithoba.
“USugar wangifundisa ukuthi kwakwenzekani emalokishini ngeminyaka yawo-1970.
“Wayenza unobhutshuzwayo ubukeke ulula kakhulu. Wayengenazo izitayela futhi engagqamile njengoDoctor Khumalo kodwa useqhulwini labadlali abahlanu abenekhono engasebenza nabo.
“Enokuzithoba okuyisimanga, futhi ngiyadumala ukuthi akasekho emhlabeni. Bengazi ukuthi ubengaphilile futhi bese kuyisikhathi eside.
“Nginesiqiniseko sokuthi lapho ekhona ulele ngokuthula, uphumule. Lilahlekelwe kakhulu ibhola eNingizimu Afrika ngokushona kwakhe,” kusho uBarker.
Inkundla yebhola eyakhiwa endaweni akhululela kuyo eClermont, yaqanjwa ngegama lakhe. Njengamanje yaziwa ngeSugar Ray Xulu Stadium.
I-Lamontville Golden Arrows neThongathi FC, basebenzisa yona le nkundla emidlalweni yabo yasekhaya yePremier Soccer League.
“USugar wayengayidlalela nakanjani iBafana. Wayengadlala noma yikuphi emhlabeni.
“USugar wayenekhono futhi wayekwazi ukuwina imidlalo ngobuhlakani bakhe yedwa. Kwakumnandi kakhulu ukusebenzisana naye,” kugcizelela uBarker.
UXulu uzofihlwa kusasa emathuneni iHeroes Acre, eChesterville, ngemuva kwenkonzo ezoba sekhaya ezobe ilawulwa yimithetho yomvalelandlini yokuthi abantu akumele beqe kwabawu-50.
Bazosuku ekhaya ngo-9 ekuseni ukugcina umthetho womvalelandlini othi umngcwabo kumele ube usuphelile ngo-12.
“Sonke sife olwembiza ngalezi zindaba. UXulu wayewumongo weqembu uma sikhuluma ngomlando walo.'"
"AmaZulu ayahlonishwa kakhulu ngenxa yabantu abafana naye. Abantu abafana noMangosuthu Buthelezi noJomo Sono babemhlonipha kakhulu uXulu. Yinto enkulu kakhulu ukuthi inkakha efana noJomo ithi yayifunzelelwa nguSugar Ray."
"Yilapho ubona khona ukuthi le ndoda yayiyinto enkulu. Kubuhlungu kakhulu,” kusho uLunga Sokhela oyimenenja jikelele yaMaZulu.
UCedric ‘Sugar Ray’ Xulu osishiye emhlabeni ekuqaleni kwesonto
UXulu uthathwa njengmomunye wabadlali abasezingeni eliphezulu kunobhutshuzwayo, abake baba khona eNingizimu Afrika.
“Ngebhadi lokhu kwenzeke ngalesi sikhathi se-lockdown."
"Ngethemba ukuthi sizoba simdibimunye nabantu abawu-50 abazobe besemngcwabeni. Njengeqembu sizomhlonipha kakhulu. Asigubhe impilo yakhe. Kwangathi umoya wakhe ungaphumula ngoxolo,” kusonga uSokhela.