Ezemidlalo

USeema ukhala ngokushweba kwezakhe

Sphamandla Gumede|Published

ULEHLOHONOLO Seema oqeqesha iBloemfontein Celtic okhala ngokushweba kwezakhe. Isithombe: BACKPAGEPIX ULEHLOHONOLO Seema oqeqesha iBloemfontein Celtic okhala ngokushweba kwezakhe. Isithombe: BACKPAGEPIX

YIZE ekujabulele ukuthola iphuzu elilodwa bebhekene neCape Town City, umqeqeshi weBloemfontein Celtic uLehlogonolo Seema akumjabulisanga ukubona abadlali bakhe beshweba amathuba okushaya amagoli. 

Lawa maqembu abetholene eSeisa Ramabodu Stadium ngoLwesithathu ebusuku, emdlalweni ophele ebambene ngo 0-0. 

UNeo Maema noMzwanele Mahashe bayeke amathuba alula okushaya amagoli ngasekupheleni kwesiwombe sesibili. USera Motebang naye ulitholile ithuba ngesiwombe sokuqala kodwa ibhola lakhe liphume eceleni. 

“Umgqigqo wethu ubuphansi umdlalo usaqala kanti iCape Town City yona iqale kahle. Sekusondele ikhefu, siqale sadlala kahle. Silungise izinto eziningi sesibuya ekhefini. Sishintshile, ikakhulukazi ngesiwombe sesibili njengoba sikhande amathuba okushaya amagoli. Engingakusho ukuthi siyawashaya amagoli kodwa siyahluleka ukuvala emuva. Ngenkathi sisahlabe ikhefu, sisebenze kakhulu ekuvaleni amagoli emuva," kuchaza uSeema ecashunwa abeSuperSport TV.

Kukhalwe kakhulu ngesimo senkundla ebesingekho esimeni esihle njengoba amaqembu ebehluleka ukuthungela amaphasi nokudlala ibhola elihamba phansi. Lenkundla ibigcwele amabala, kuvela nomhlabathi ongaphansi otshanini. 

“Namuhla sihlulekile ukusebenzisa amathuba okushaya amagoli. Kodwa asiphelanga umoya, siqhubekile nokuhlasela, yikho ukuthi sihlulekile ukushaya amagoli, sithathe izinqumo ezingalungile. Ngibatshelile ukuthi amathuba azokhandeka ngesiwombe sesibili. Ngibatshelile ukuthi behlise umoya, bengatatazeli ngoba amathuba azovuleka. Amanye amathuba angazi ukuthi siwashwebe kanjani. Ngibona sengathi silahle amaphuzu amabili ebesingawathatha," kusho uSeema. 

ICeltic ihleli kunombolo 8 kwi-Absa Premiership ngamaphuzu angu-14 emdlaweni engu-11. Izothola ithuba lokulungisa amaphutha uma isivakashela iPolokwane City emdlalweni weligi ngoMgqibelo ePeter Mokaba Stadium.