UMQEQESHI we-Orlando Pirates uRulani Mokwena ojabulele ezakhe zinqoba umdlalo wesine kwi-Absa Premiership zibhekene nePolokwane City ngoLwesibili ebusuku. Isithombe: BackPagePix UMQEQESHI we-Orlando Pirates uRulani Mokwena ojabulele ezakhe zinqoba umdlalo wesine kwi-Absa Premiership zibhekene nePolokwane City ngoLwesibili ebusuku. Isithombe: BackPagePix
UJABULE wafanisa abadlali bakhe namaqhawe umqeqeshi we-Orlando Pirates uRulani Mokoena ngenkathi ezakhe zihlula iPolokwane City koweligi.
IBucs iwine kanzima njengoba ibilandela ngemuva yagcina isinqobe ngo 3-2 emdlalweni we-Absa Premiership obuse-Orlando Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
UGabadihno Mhango, Tshegofatso Mabasa noKabelo Dlamini bavalele enethini amagoli eBucs. Amagoli ePolokwane ashaywe umgadli uCharlton Mashumba noMpho Mvelase oshaye ingcwenga ngesikhathi esengezwe unompempe esiwombeni sesibili.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uRulani uncome ezakhe ngokudlala kahle.
“Kubukeka sengathi sithanda ukwenza izinto zibe nzima. Ngicabanga ukuthi ngizoshona ngisemncane. Inhliziyo yami ngeke ikwazi ukumelana nemidlalo yalolu hlobo. Kodwa ungathini? Sidlale kahle futhi. Ngenkathi sisekhefini, ngichazele abadlali ukuthi ngizobaqamba amagama ngamaqhawe njengoBatman noSuperman ngoba bakhombisa ukuba namandla nokubekezela enkundleni. Siyazi ukuthi bayakwazi ukumelana nengcindezi, banomfutho futhi bayalilwela ibheji leqembu. Benza konke okusemandleni uma sekushubile. Ngiyaziqhenya ngabo kodwa kukhona izindawo okumele silungise kuzo,” kuchaza uMokoena ecashunwa abeSupersport TV.
Womabili amaqembu aqede umdlalo eseshoda njengoba uThembinkosi Lorch noPuleng Tlolane bekhishwe ngekhadi elibomvu ngesiwombe sokuqala.
Ebuzwa ngekhadi elibomvu elinikezwe uLorch, uRulani uthe bekufanele lomdlali ajeziswe ngesenzo sakhe sokulwa emdlalweni.
“Eqinisweni bengingakayibheki iphenathi kodwa ngisazobheka. Ngicabanga ukuthi uLorch bekufanele athole ikhadi elibomvu ngoba ubeziphindisela esimeni lapho bekumele ehlise umoya khona. Kodwa ngizobheka futhi. Ngibone ukuthi bamshaye ngebhola ngenkathi bemdlalise kabi. Uhlulekile ukuzilawula naye. Lendlela yokuziphatha ayivumelekile, sizokhuluma naye."
URulani ungaphansi kwengcindezi kulezi zinsuku njengoba iBucs ibhinjelwa imiphumela. Ngaphambi komdlalo, amaBhakabhaka abesanqobe umdlalo owodwa kweyisithupha yeligi eyedlule njengoba yagcina ngokushaya iHighlands Park ngo-Okthoba 29.
Iningi labalandeli bePirates likhombisa ukunengeka yilomqeqeshi njengoba bekhala ngokuthi ushintsha isikimu njalo kodwa imiphumela ayiguquki. Ngesonto eledlule, uSihlalo weqembu u-Irvin Khoza ukhiphe isitatimende eqinisekisa ukuthi uRulani uzoqhubeka nokuba yinhloko yabaqeqeshi kwiBucs.
IBucs isiyoze ibuyele enkundleni ngoDisemba 07 uma isivakashela iBaroka emdlaweni welgi ozobe usePeter Mokaba Stadium.