OWEN DA GAMA OWEN DA GAMA
KUHLUKANE imibono kubaqeqeshi u-Owen Da Gama noRhulani Mokoena ngegoli eliyi-offside eliwinise i-Orlando Pirates ngo 1-0 ibhekene neHighlands Park koweligi obuseMakhulong Stadium izolo ebusuku.
IPirates ivunwe yisinqumo sikanompempe njengoba uTshegofatso Mabasa ebesemhlabeni ongcwele ngenkathi eshaya igoli lokuwinisa sekusele imizuzu elishumi umdlalo uphele. Umsizi kanompempe ulibeke phansi iduku, okuyisinqumo esithuse abaningi njengoba bekucacile ukuthi uMabasa ube-offside ngesikhathi ephaselwa ibhola.
Lokhu akwehlanga kahle kuDa Gama obalise ngesinqumo sikanompempe, oveze ukuthi kumele aboshwe umsizi kanompempe.
“Singabaqeqeshi siyagxekwa kakhulu uma onompempe benza amaphutha. Ngibone kancane impela kodwa uMabasa ube-offside. UMabasa ubesemhlabeni ongafanele ngamamitha amathathu. Umsizi kanompempe uyena ophakamise iduku, wakhomba i-offside ngenkathi umdlali wePirates engqofa ibhola ngekhanda sihlasela. Ube-offside ngamamitha amathathu, bukisisa. Kunzima ukuhlulwa ngalendlela,” kuchaza uDa Gama.
UDa Gama akaqali ukukhombisa ukunengwa yizinqumo zonompempe kwazise ukhale ngesifanayo emdlalweni odlule behlulwa yiMamelodi Sundowns koweligi. Lomqeqeshi ubekhala ngokunganikezwa iphenathi ekubeni ibhola lashaya isandla somdlali weDowns esebhokisini.
“Uma onompempe bezoqhubeka nokwenza amaphutha, ibhola lethu ngeke liye ndawo. Ngiyavuma idlale kahle iPirates futhi iyiqembu elibumbene. Kumele kube khona ozoboshwa, ayilungile lento futhi ayenziwa. Ngiyaxolisa ukuthi sihlulwe kanje, sizoqhubeka sidlale akusenani. Unompempe nomsizi wakhe bawuphathe kahle umdlalo kodwa lomunye umsizi kanompempe udinga ukubhekisiswa,” kusho uDa Gama.
Ebuzwa ngegoli elishaywe uMabasa, umqeqeshi wePirates uMokoena ungene ezintangeni wabonga ukuthola amaphuzu amathathu njengoba egcizelele ukuthi ubengakaze alinake igoli kangako.
"Angeke ngiphawule. Bengikaliboni kahle igoli. Ngicabanga ukuthi izinto zizolunga ngendlela yazo kulesizini. Kubi okwenzeke kuDa Gama kodwa bengingakaliboni igoli, ngeke ngiphawule. Angeke ngiphawule ngegoli. Ngenkathi ngifunda olunye udaba kwabezindaba, ngabona ukuthi sakhahlela epalini izikhathi ezingu-32 emdlalweni odlule kodwa asizange sishaye igoli, okuwumlando kwiPSL. Ngezinye izikhathi izinto ziyenzeka ungaqondile. Kuyenzeka uthole inhlanhla. Inhlanhla isebenzela labo abanesibindi, ngibongela abadlali ngokuba naleyo nhlanhla,” kuchaza uMokoena ngemuva komdlalo.
Udaba lonompempe abenza amaphutha lusematheni kulezi zinsuku kwazise umqeqeshi weDowns uPitso Mosimane ulokhu ekhale njalo ngezinqumo zonompempe athi zivuna iKaizer Chiefs. Kubukeka kusazoba nzima kubaphathi beligi ukubhula lomlilo njengoba abaqeqeshi abaningi bekhalaza ngezinqumo zonompempe ezingangculisi.
IPirates enyukele kunombolo 8 kwiligi ngokunqoba lomdlalo, izobhekana nomkhaya bayo iKaizer Chiefs kwiquarter-final yeTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-15:30.
IHighlands izovakashela iMaritzburg United kwenye iquarter-final yeTelkom Knockout eHarry Gwala Stadium ngoLwesihlanu ngo-20:00 ebusuku.