Ezemidlalo

Libhubhise lemuka nendebe iqembu lesizwe le-netball

Lungile Majoka|Published

IQEMBU laseNingizimu Afrika le-netball lijabula nendebe ngemuva kokudla umhlanganiso kwi-Africa Cup eKapa Isithombe: TWITTER IQEMBU laseNingizimu Afrika le-netball lijabula nendebe ngemuva kokudla umhlanganiso kwi-Africa Cup eKapa Isithombe: TWITTER

IQEMBU lesizwe le-netball, iSpar Proteas, liqhubekile nokushaya into ecokeme libhubhisa kwasani liba ngompetha be-Africa Netball Cup ebiseKapa.

ISpar Proteas ibhudluze iZambia ngo 72-53 emdlalweni wokugcina ngoLwesibili ebusuku. Leli qembu bese lizidlele amahlanga kwiLesotho eliyishaye ngo 116-10, Kenya ehlulwe ngo 71-36 neZimbabwe eshaywe ngo 69-39.

Amaqembu alithwalise kanzima kube iMalawi eguqe ngo 56-51 ne-Uganda ehlulwe ngo 50-47.

Le miphumela iyisiqalo esihle ethimbeni elisha leProteas, uDorette Badenhorst noDumisani Chauke. Bathathe izintambo kuNorma Plummer ohole iNingizimu Afrika yathola indawo yesine kwiNdebe yoMhlaba ebise-England ngoJuni. Lena yindawo engcono esike yatholwa elakuleli kusukela lanqoba isiliva ngo-1995.

Umqhudelwano we-Africa Cup uzosiza iProteas ukuthi ifike isefomini futhi izethemba uma isidlala uchungechunge ne-England ngenyanga ezayo.

Ukubhekana ne-England kuzofana nomdlalo wamagqubu kwazise iphuce iNingizimu Afrika iqatha kwiNdebe yoMhlaba iyihlula kubangwa indawo yesithathu.

Ukuphakamisa indebe yase-Afrika kufana nokuqhubeka kwezibusiso kukaputeni uBongi Msomi, emasontweni amabili edlule oqokwe njengeKZN Sportswoman of the Year.

Ekhuluma ngokunqoba kwakhe uMsomi waveza ukuthi ufisa ukuthi ukwenza kahle kwabo kuhehe abantu balandele i-netball ikakhulukazi njengoba iNingizimu Afrika izobe ingosokhoya beNdebe yoMhlaba ngo-2023 eKapa.

UMsomi ngamagalelo akhe uqokwe emunxeni weSA Sports Personality of the Year. Akusiyena yedwa oqhamuka kumaProteas oqokwe kule miklomelo ngoba kuqokwe noKarla Pretorius kwiSA Sportswoman of the Year. Iqembu liqokiwe kwabangase bawine kwiTeam of the Year. Abawinile bazomenyezelwa emcimbini oseThekwini ngoNovemba 10.

“Ukuqokwa kukodwa kusho lukhulu ngoba yinto engingakaze ngicabange ukuthi ingenzeka. Ukuzwa igama lami libalwa nabaqokiwe kuyangijabulisa,” kusho uMsomi ephawula ngamaSA Sports Awards.