Umqeqeshi weCape Town City FC uBenni McCarthy ezakhe ezizotholana naMaZulu namhlanje. Umqeqeshi weCape Town City FC uBenni McCarthy ezakhe ezizotholana naMaZulu namhlanje.
UMQEQESHI weCape Town City uBenni McCarthy usebhoboke ngempi yamazwi abe nayo nomqeqeshi we-Orlando Pirates uRulani Mokoena ngenkathi lamaqembu edlala ngokulingana ngo 3-3 emdlalweni we-Absa Premiership obuse-Orlando Stadium ngoMgqibelo.
Kusale kancane ukuba laba baqeqeshi babambane ngezihluthu kulomdlalo obushubile njengoba bexakazisane phambi kwabadlali kanye nethimba labaqeqeshi.
Ekhuluma emuva komdlalo, uBenni uchazile ngokubheka ngeziqu zamehlo noRulani, yize ephinde wabalula ukuthi lokhu kuyingxenye yebhola.
“Ezemidlalo azidingi abantu abanezinhliziyo ezishesha ukuhluthuka. Umsebenzi ongamile ngomqeqeshi kodwa uthembele kubadlali ukuze umqeqeshi engaxoshwa. Ukuhluthukelwa inhliziyo nokuphakama kwemimoya yizinto ezenzekalayo. Uma izinto zingakuhambeli kahle, kumele uzikhiphele komunye umuntu, loyo osuke ekucasula ngaleso sikhathi uma eseqenjini lezimbangi. Uyena umuntu okumele ukhiphele ulaka lwakho kuye, kuchaza uMcCarthy ecashunwa abeSuperSport TV.
ICity ibhinjelwa yizinto kule sizini njengoba ihleli kunombolo 10 emidlalweni eyisikhombisa kwi-Absa Premiership. EzikaBenni bezihamba phambili ngamagoli amabili emva kwemizuzu elishumi, obekumele kucasule lomqeqeshi njengoba esekhalaze kakhulu ngezitobha zakhe azisola ngokuhuqa ubuthongo emdlalweni. UKermit Erasmus uqhubekile nomgqigqo wakhe njengoba eshaye igoli lesihlanu kulomdlalo, okumbeka endaweni yesibili kubashayi magoli abahamba phambili kwiPSL.
“Ngenkathi siwina ngo 2-0, umdlalo ubushisa ngifuna abadlali besheshe kodwa uma usuwina ngo 3-2 usukhahlela amabhola ngaphandle. Okungicasula kakhulu ukuthi angisoze ngayenza leyonto mina. Uma ngihlulwa emdlalweni, ngeke ngikhahlele ibhola eceleni uma lifunwa umdlali wezimbangi. Kunomthetho omusha wokunikeza abaqeqeshi amakhadi uma bekhahlela noma belahla ibhola eceleni. Bengibona ukuthi ucasukile uThamsanqa Mkhize ngalesi senzo sebewina ngo 3-2 kodwa uyamhlonipha uRulani. Uma ungakwazi ukuhlonipha abadlali bami, ngeke ngikuhloniphe nami,” kusho uBenni.
“Bengibona kulungile ukuthi ngimazise lokhu engikucabangayo. Ngimtshele ukuthi, ‘ngoba usuyawina usukwazi ukukhahlela ibhola ngaphandle’. Ngenkathi esehubha ibhola ngimtshele ukuthi akaliyeke. Besingalwi, ukuba besilwa ubengeke angihlule, ngingakuqinisekis lokho,” kusho uBenni ehleka.
ICape Town City izovakashela Amazulu emdlalweni weligi ozobe useKing Zwelithini Stadium ngo-19:30 namuhla.