Ezemidlalo

Usexoshiswe umqeqeshi omusha weChippa

Sphamandla Gumede|Published

SIVIWE MPENGESI SIVIWE MPENGESI

UKUPHINDILE adume ngakho uSihlalo weChippa United uSiviwe Mpengesi njengoba sekuqinisekisiwe ukuthi umqeqeshi obeyibamba uDuran Francis ukhonjwe afike ngayo. 

UFrancis ushiya kuleli qembu emuva kokulipheka emidlalweni emibili. Udlale ngokulingana emdlalweni owodwa, wahlulwa kowodwa njengoba iChippa ihleli kunombolo 15 kwi-Absa Premiership. 

UFrancis ubekwe njengomqeqeshi weChippa emasontweni amabili adlule emva kokuxoshwa kukaClinton Larsen obephikwa yimiphumela. IChippa ayikaze inqobe kwiligi selokhu kuqale isizini kwazise iphinde yashaywa iMaritzburg United emdlalweni we-Absa Premiership ngoLwesihlanu ebusuku eHarry Gwala Stadium. 

Ekhuluma emuva kokunikeza uFrancis izintambo zokuqeqesha iChippa, uMpengesi wabeka kanje. “Kuhle uma sithuthukisa ithalente laseNingizimu Africa. Ngiyakholelwa ekunikezeni abantu amathuba. Ngizomeseka ngokugcwele. Uma esebenza kahle, uzoba nethuba lokuqhubeka kuze kuphele isizini,” kuchaza uMpengesi. 

Ngokusho kwemibiko, uFrancis oseke waqeqesha iBay United, uzobuyela ekuqeqesheni iqembu leChippan United elidlala kwi-ABC Motsepe League. 

IChippa ikuqinisekisile ukuthi uMbuyiselo Sambu uzobamba izintambo uma iChilli Boys isitholana neBidvest Wits emdlalweni weligi ngoLwesibili ngo-19:30 eSisa Dukashe Stadium.