UMGADLI weManchester United obolekiswe kwi-Inter Milan u-Alexis Sanchez oshaye igoli lakhe lokuqala ngempelasonto UMGADLI weManchester United obolekiswe kwi-Inter Milan u-Alexis Sanchez oshaye igoli lakhe lokuqala ngempelasonto
ISALOKHU iqhubeke njalo nokucoboshisa kwasana ebhekana nayo i-Inter Milan enqobe umdlalo wayo wesithupha kulandelana kwiligi ngenkathi iguqisa iSampdoria ngo 3-1 ekuhambeni ngoMgqibelo eLuigi Ferraris Stadium.
Amagoli e-Inter Milan ashaywe uStefano Sensi, okhombisa ukuvuthwa njengoba ebolekwe kwiSassuolo, u-Alexis Sanchez kanye noRoberto Gagliardini. Kulomdlalo, u-Antonio Conte ubeke ebhentshini izethenjwa zabadlali okukhona kuzo uRomelu Lukaku, Diego Godin kanye noNicolo Barella. INerazzurri isayibambe esicongweni seligi emuva kwemidlalo eyisithupha kwazise ayikaze ilahle amaphuzu.
Okumele kujabulise uConte kakhulu ukuthi abadlali abalizwa ngendaba ijezi okubalwa kubo u-Alessandro Bastoni noSanchez bakhombise ukuzimisela kulomdlalo yize egcine ekhishwe ngekhadi elibomvu uSanchez. EzikaConte ziqeda kuguqisa iLazio ngoLwesithathu emdlalweni weligi obuseSan Siro Stadium ngegoli lekhanda elingqofelwe enethini uDanilo D’Ambrosio ngesiwombe sokuqala.
I-Inter Milan isingenelwe amagoli amabili, yavalela angu-13 kwiligi, okuyenza ibe nodonga oluqine kunawo wonke wonke amaqembu kuSerie A njengoba uConte edlalisa izitobha ezintathu emuva. Ukunyusa izinga kwe-Inter kule sizini kungase kuthuse iJuventus evikela isicoco seligi. IJuventus isinqobe iSerie A amahlandla ayisishiyagalolunye (8) kumasizini elandelana. IBianconeri, eqeqeshwa uMaurizio Sarri kule sizini, ihleli endaweni yesibili kwiligi njengoba isawine imidlalo emihlanu, yadlala ngokulingana kowodwa.
Omkhaya be-Inter, okuyi-AC Milan, babhinjelwa yizinto njengoba beyiqale kabi isizini. I-AC Milan, ehleli kunombolo 16 kwiligi, isawine imidlalo emibili yashawa kwemine. Leli qembu eliphekwa nguMarco Giampaolo liphule irekhodi leminyaka engu-80 lokuqala kabi isizini njengoba umqeqeshi esezifake ngaphansi kwengcindezi yabalandeli ngenxa yokuphikwa yimiphumela.
I-Inter Milan izofuna ukuqhubeka nomgqigqo wayo uma isiyamukela iJuventus emdlalweni weligi ngoMgqibelo ngo- 20:45 eSan Siro Stadium.
AC Milan 1-3 Fiorentina
Cagliari 1-1 Hellas Verona
Udinese 1-0 Bologna
Lecce 0-1 AS Roma
Lazio 4-0 Genoa
Napoli 2-1 Brescia
Sassuolo 1-4 Atalanta
Sampdoria 1-3 Internaziole
Juventus 2-0 SPAL
Parma vs Torino: 20:45 ngoMsombuluko