Ezemidlalo

UMiddendorp uncoma izinqumo zikanompempe

Sphamandla Gumede|Published

Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp ohambe kuvela elomhlathi eThekwini kulandela ukunqoba kwezakhe umdlalo zibhekene naMaZulu. Isithombe : Gerhard Duraan/BackpagePix Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp ohambe kuvela elomhlathi eThekwini kulandela ukunqoba kwezakhe umdlalo zibhekene naMaZulu. Isithombe : Gerhard Duraan/BackpagePix

UMQEQESHI weKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp uncome umsebenzi omuhle owenziwe ithimba lonompempe emdlalweni we-Absa Premiership Amakhosi eshaya AmaZulu ngo 2-0 eKing Zwelithini Stadium izolo ntambama. 

Izinqumo zikanompempe zishiye abaningi benkemile kulomdlalo njengoba kuphikwe amagoli amabili oSuthu. U-Ovidy Karuru noBonginkosi Ntuli bashaye amagoli oSuthu ngesiwombe sesibili kodwa aphikwa kuthiwa olishayile uthole ibhola esemhlabele ongafanele. 

“Kunzima kakhulu. Ngicabanga ukuthi onompempe benze umsebenzi oncomekayo. Ngiyaqondisisa ukuthi AmaZulu alwela ukungaphumi kwiligi, uma ubheka indlela abekade edlala ngayo,” kuchaza uMiddendorp ekhuluma nabeSuperSport.  

Umqeqeshi waMazulu uJosef Vukusic akathandanga ukwanda kakhulu emuva komdlalo njengoba ebongele ezikaMiddendorp ngokunqoba.

“Igoli lokuqala kulomdlalo belibalulekile. Ngizwa manje ukuthi amagoli esiwashayile bekumele abalwe. Kuyihlazo futhi kubuhlungu kubadlali bami ukuthi kuphikwe amagoli amabili esiwashayile ngoba sidlale ngokukhulu ukuzinikela. Sikhombise izinga eliphezulu. Sizinikele emdlalweni kodwa kwaphikwa amagoli amabili, kunzima kakhulu," kuchaza uVukusic. 

UMiddendorp uthole ikhadi eliphuzi ngesiwombe sokuqala ngesizathu sokuhluleka ukuziphatha ngendlela. Imimoya ibiphezulu kulomdlalo njengoba umqeqeshi waMazulu uJosef Vukusic nephini lakhe uMabhudi Khenyeza benikezwe amakhadi aphuzi.  

Amagoli eChiefs ashaywe uLeonardo Castro noKhama Billiat ngesiwombe sesibili, yabe isinyukela esicongweni se-Absa Premiership ngamaphuzu angu-13 emidlalweni eyisithupha. 

AmaZulu asayibambe emsileni kwiligi, azotholana phezulu neSupersport United emdlalweni we-Absa Premiership eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo ebusuku. 

Amakhosi wona azobhekane neBaroka F.C ngoMgqibelo ntambama.