Clinton Larsen. Isithombe: Gerhard Duraan/BackpagePix. Clinton Larsen. Isithombe: Gerhard Duraan/BackpagePix.
AKANANXA noSihlalo weChippa United obengumqeqeshi uClinton Larsen odalule ukuthi akacasukile ngokuxoshwa kwakhe kuleli qembu.
ULarsen ukhonjwe afika ngayo ngoLwesibili emuva kokuhlala kwiChippa izinyanga eziyisishiyagalolunye.
ULarsen ubephikwa yimiphumela kwi-Absa Premiership njengoba iChippa ishaywe kabili, yadlala ngokulingana kathathu emidlalweni emihlanu. Kodwa uLarsen uthi akumthusanga ukuxoshwa kwakhe kusanda kuqala isizini.
“Angithukanga uma uwazi umlando weqembu. Ngihlale isikhathi eside ukudlula lesi ebengisibhekile. Kuyimanje ngingumqeqeshi wesibili osehlale isikhathi eside kwiChippa United. Ngisebenze khona izinyanga eziyisishiyagalolunye,” kuchaza uLarsen.
“Ngisijabulele kakhulu ngesikhathi engisihlale kwiChippa. Azikho izimpawu engizibonile ngaphambi komdlalo we-Orlando Pirates ebezikhombisa ukuthi kungenzeka ngixoshwe. Kodwa ngiyazigqaja ngalokhu engikwenzele iqembu. IChippa iqembu elingcono kakhulu kunaleli engalifica, lokho ngingakusho ngikhululeke. Ngenkathi ngisaqeqesha, nganciphisa isibalo sabadlali abadala eqenjini, ngafaka nalabo abancane. Ngibeke isakhiwo esihle kakhulu ngakwazi nokudlalisa abadlali abasuka kwinkulisa. Ngikwazile ukuletha ukuxhumana phakathi kwabaqeqeshi abancane nabadala eqenjini,” kuchaza uLarsen.
Bathathu abaqeqeshi asebekhonjwe indlela kwi-Absa Premiership kuleli sonto. AmaZulu akhulule uCavin Johnson ngoLwesibili njengoba kade ephikwa yimphumela, isikhala sakhe savalwa uJozef Vukusic odume kwiPolokwane City ngesizini edlule. IBlack Leopards ekunombolo 12 kwiligi, ixoshe uLionel Soccoia ngoLwesithathu.
“Akukho engikujahile kodwa angisho ukuthi ngeke ngiwuthathe umsebenzi ovelayo, uma ulungile. Okwamanje ngisafuna ukuchitha isikhathi nomndeni wami. Uma ungumqeqeshi, awusitholi isikhathi ongasichitha nomndeni,” kuchaza uLarsen.