Ezemidlalo

Imphathisa ngekhanda eyomdlali olimele uPitso

Sphamandla Gumede|Published

Umgadli weMamelodi Sundowns uMauricio Affonso osalimele. Isithombe: @Masandawana/Twitter Umgadli weMamelodi Sundowns uMauricio Affonso osalimele. Isithombe: @Masandawana/Twitter

KUPHITHENE ikhanda kumqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane oveze ukuthi umgadli omusha uMauricio Affonso othunukale ejimini, usazohlala isikhathi engalithinti ibhola. 

Ukulimala kwalo mgadli kuzokwenza ukuthi alinde esinye isikhathi ngaphambi kokuthi abonakale okokuqala eqenjini leSundowns elivikela isicoco seligi. Ukwehlelwa umshophi wokulimala kuzohlala kabi kulomdlali obese kusele kancane ukuthi alulame ngokugcwele kwazise nesikhala sabagadli sivulekile selokhu kubolekiswe uJeremy ‘Sniper’ Brockie kwiMaritzburg United. 

U-Affonso, ongowokudabuka e-Uruguay, walimala eqakaleni ngesikhathi iDowns isaziqeqeshela ukuqala kwesizini ka-2019/20 ekhempini eyayibanjelwe eMbombela ngoJulayi.

UMosimane ukuqinisekisile ukuthi lomgadli usephinde wathinteka eqakaleni. “Usephinde walimala futhi u-Affonso. Uthinteke eqakaleni futhi, kunzima ukuthi ngikholwe. Sekumele aqale phansi," kusho uPitso. 

UMosimane ubeseke watshela abezindaba ukuthi lomgadli akasabuzwa ubuhlungu eqakaleni, okuyinkulumo eyenza abalandeli bemlindele ngabomvu lomdlali. Lomgadli ubehambe neqembu elishaye iBloemfontein Celtic ngo 2-1 emdlalweni weligi ngesonto eledlule, kodwa ubengekho ohlwini lwabadlali abangu-18 abekade bezosetshenziswa uMosimane kulomdlalo. 

U-Affonso uzojoyina abanye abadlali beDowns abalimele okubalwa kubo uThapelo Morena, Phakamani Mahlambi, Anthony Laffor, Rivaldo Coetzee, Keletso Makgalwa noRicardo Nascimento. 

Iqembu likaPitso seliyaziwa ngokuthenga izibabuli zabadlali baseSouth America okukhona kubo izethenjwa uGaston Sirino noRicardo Nascimento abasuka e-Uruguay naseBrazil ngokwehlukana kwamazwe. IDowns seyike yadlalelwa umgadli uLeonardo Castro waseColombia osegijima kwiKaizer Chiefs kanye noJose Ali Meza osedlalela iMaritzburg United.

IDowns isiqinisekise ukuthi izobhekisa mabombo eSeychelles ngoLwesibili oluzayo ukuze izozilungiselela umdlalo womzuliswano wesibili weCAF Champions League lapho izotholana khona neCote d’Or.