Umqeqeshi omusha weBafana uMolefi Ntseki osezobhekana neMadagascar kumdlalo wakhe wokuqala. Isithombe: ©Muzi Ntombela/BackpagePix Umqeqeshi omusha weBafana uMolefi Ntseki osezobhekana neMadagascar kumdlalo wakhe wokuqala. Isithombe: ©Muzi Ntombela/BackpagePix
INHLANGANO eyengamele ibhola iSouth African Football Association (SAFA) isiqinisekise iqembu elisha elizodlala umdlalo wobungani neBafana Bafana kulandela ukuhlehliswa komdlalo wayo neZambia ngenxa yezinxushunxushu zokuhlaselwa kwabantu bokufika kuleli.
IBafana ibihlelele ukudlala owesihle neZambia eLusaka ngoMgqibelo kodwa leli qembu lahoxa ngenxa yokusabela ukuphepha kwabadlali kanye nethimba labaqeqeshi. IBafana, esanda kumemezela uMolefi Ntseki njengomqeqeshi wayo omusha, izobhekana neMadgascar kowesihle ngoMgqibelo ngo-19:00 ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.
Abalandeli beBafana bazothola ithuba lokubuka iqembu okokuqala lidlalela ekhaya kusukela ngoNovemba wangonyaka odlule, lapho eladlala khona ngokulingana ngo 1-1 libhekene neParaguay emdlalweni weNelson Mandela Challenge eMoses Mabhida Stadium.
IMadagascar, ehleli kunombolo 96 emazweni omhlaba ebholeni likanobhutshuzwayo ngokukleliswa yiFIFA, idlale kahle kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) ebise-Egypt njengoba yakhishwa yiTunisia kuma-quartefinals. IMadagascar, edlala kwisigaba seCOSAFA, isadlale imidlalo emibili neNingizimu Afrika, owodwa waphela zibambene kwathi omunye kwawina iBafana.
UNtseki umemezele ithimba elizomsiza okukhona kulo u-Arthur Zwane njengephini likamqeqeshi, kanye nowayengumqeqeshi weBafana uTrott Moloto njengomeluleki wakhe. UNtseki ubekelwe umgomo wokufaka iNingizimu Afrika emiqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations ka-2021 neka-2023 nakwiNdebe yoMhlaba ezoba seQatar ngo-2022.