PITSO MOSIMANE PITSO MOSIMANE
UZIMISELE ngokubamba isigqi sokuwina eqenjini lakhe uPitso Mosimane emidlalweni ezayo ayichaze njengemqoka kwezakhe.
Namuhla ezikaMosimane, iMamelodi Sundowns, zizokwamukela iCape Town City emdlalweni we-Absa Premiership eLucas Moripe Stadium ngo-7.30 ebusuku.
NgoMgqibelo zizobe sezamukela i-AS Otoho D’ oyo yaseCongo Brazzaville emdlalweni womlenze wesibili wokuhlunga weCAF Champions League. EzikaMosimane zishaywe ngo 2-1 emlenzeni wasekuhambeni.
Kwiligi khona zilahle amaphuzu zibanjwa ekugcineni yiChippa United ngo 1-1 emdlalweni odlule.
Okusho ukuthi zisaqoqe amaphuzu amane kwiligi ekubeni kukhona amaqembu asenamaphuzu ayisithupha.
“Lowo mdlalo uzobe uhluke kakhulu. Zizobe zibulalana. Kuzomele silwe kahle njengoFloyd Mayweather ukuze sizame ukuzongela uMgqibelo,” kusho uMosimane ekhuluma nabezindaba ngemuva kokuguqisa iBloemfontein Celtic ngo 3-1 kwi-quarterfinal yeMTN 8.
UMosimane uthe ukudlala neCity uyakujabulela ngoba “idlala ibhola”. Ubechaza iChippa neCeltic njengamaqembu agabe ngokuhlala emuva bese ethembela ejubaneni.
“Nawo lowo mdlalo (wangoMgqibelo) ubalulekile. Ngebhadi lo mdlalo (weCeltic) awuzange unginike ithuba lokuthi ngonge abanye abadlali yize ngigcine ngimkhiphile ukaputeni ngoba yena ngizomdinga kule midlalo emibili ezayo. Mhlawumbe futhi ngimdingela umdlalo weChampions League,” kusho uMosimane.
UMosimane uthe yize engakujabuleli ukuthi balahle amaphuzu kwiligi kodwa akumkhathazi ukuthi ngubani ohleli esicongweni. Okwamanje amaqembu asenamaphuzu ayisithupha iPolokwane City, Kaizer Chiefs neBidvest Wits.
“Lona umjaho ngeke ngizikhathaze ngokuthi ubani ohleli phezulu. Sesiyiwinile iligi siyakwazi ukuthi kwenziwa kanjani lokho. Okubalulekile wukugxila endleleni yakho yokwenza, imiphumela izozikhombisa yona. La maqembu amanye asenamasonto ayisishiyagalombili (endawonye) yingakho eshesha kodwa okubalulekile wukuthi uqeda kanjani,” kusho uMosimane.