Ezemidlalo

Akayiphathi eyamaqembu agaqele uMabena

Lungile Majoka|Published

UNDUMISO Mabena ongukaputeni weBloemfontein Celtic usemataniswe namaqembu amaningi e-Absa Premiership UNDUMISO Mabena ongukaputeni weBloemfontein Celtic usemataniswe namaqembu amaningi e-Absa Premiership

AKAFUNI nokuyiphatha umqeqeshi obambile kwiBloemfontein Celtic, uLehlohonolo Seema, eyengozi yokulahlekelwa wukaputeni wezakhe uNdumiso Mabena oyiqale ngenothi eliphezulu isizini.

UMabena useshaye amagoli emidlalweni emibili edlule.

Uke wamataniswa neSuperSport United kanti neMaritzburg United ike yamfuna njengoba kuvulwe iwindi lokuthengwa kwabadlali.

Kuyaziwa ukuthi iCeltic idedele abadlali bayo abebevutha ngesizini edlule ngenxa yokwentula imali. Ihambise uKabelo Dlamini, Tshegofaso Mabasa noBongani Sam abenze kahle iqeda endaweni yesikhombisa ngesizini edlule yize abadlali bebebuye bateleke bekhala ngokukweletwa yiqembu.

Ebuzwa uSeema ngempelasonto edlule ngamaqembu abefuna uMabena uthe akafuni nokuyikhuluma leyo.

“Angiyikhumbuli kwaleyo. Ningangibuyiseli emuva,” kusho uSeema eveza ukuthi ngokwakhe uyithatha njengengakaze yenzeke eyokuthi uMabena ucishe wahamba.

Nakuba ekhuluma kanje kodwa kusengenzeka noma yini kwazise iwindi livalwa ngokusemthethweni ekupheleni kuka-Agasti.

UMabena usegixabezwe ngebhande lobukaputeni kwiPhunya Sele Sele ngemuva kokushiya kukaPatrick Tignyemb owaxabana neqembu elwela ukuthi abadlali bakhokhelwe imali abakweletwa yona.

USeema uncome uMabena ngokwenza kahle enkundleni wathi uthemba ukuthi amagalelo akhe azolisiza iqembu lenze kangcono kunangesizini edlule.

“Usemnkantshubomvu futhi lokho kuyabonakala enkundleni.Kuhle ukubona abadlali abadala bezikhandla futhi naye ngiyamjabulela. Ngithemba ukuthi ekupheleni kwesizini sizobe sesikhuluma izinto ezinhle kakhulu ngaye noma uzobe eselisizile iqembu liqede endaweni engcono,” kusho uSeema.

Uthe ufuna ukubona iPhunya Sele Sele iqeda okungenani endaweni yesikhombisa okuzobe kusho ukudlondlobala kubona kunendawo yesishiyagalombili abayithole ngesizini edlule.