Ezemidlalo

Umqansa kumqeqeshi waMaZulu

Potshoza|Published

Umqeqeshi woSuthu uCavin Johnson ovule isizini ngenduku ka 3-0 bebhekene neWits. Isithombe: Muzi Ntombela/BackpagePix Umqeqeshi woSuthu uCavin Johnson ovule isizini ngenduku ka 3-0 bebhekene neWits. Isithombe: Muzi Ntombela/BackpagePix

KUNGENZEKA isikhova sisuke nonoxhaka kumqeqeshi waMaZulu, uCavin Johnson, uma kuwukuthi uyehluleka ukuthola amaphuzu amane emidlalweni emibili elandelayo emva kokuthi abaphathi beqembu bengeneme ngonyawo oluqale ngayo isizini lubhaxabulwa kabuhlungu yiBidvest Wits ngo 3-0 ngoMgqibelo odlule.

Ngokuthola kwengwenya enguPotshoza abaphathi bathe kumele aqinisekise ukuthi emdlalweni wePolokwane City nowe-Orlando Pirates uyawathola la maphuzu uma kungenjalo sekungamane kuhlukane izindlela.

“Ubhekene nomqansa umqeqeshi. Abaphathi bafuna athole amaphuzu amane ukuze ahlenge ikusasa lakhe kuleli qembu. Uma kungenjalo sekungamane kuhlukanwe ngoba bathemba ukuthi bakwenze konke abekufuna okuhlanganisa nokwenza amalungiselelo abathi ambe eqolo okuqala kwesizini entsha,” kusho umthombo.

Kuthiwa abaphathi nangesizini edlule bebengenelisekile ngendlela izinto ebese zenzeka ngayo emva kokuthi bevike izembe kulandela ukuphucwa yiFifa amaphuzu ayisithupha.

Emva kokuthi beshenxe endaweni yezembe kube khona izinto ebese zenzeka ezinganambitheki.

“Ukushaywa yiBloemfontein Celtic eyabe ikhungethwe yizinkinga emdlalweni wokugcina weligi kwabalahlisa ithemba kodwa bakhetha ukumxolela ngenxa yokuthi kwaba nokuthathwa kwamaphuzu yiFifa okwabe kungelona iphutha lakhe. Babe sebemnika imidlalo emithathu yokuqala kweligi yokuthi kube yiyo abuyisa ngayo ukwethenjwa kwakhe. Manje sebefuna amaphuzu amane emidlalweni emibili nokuyisimo okubukeka kungelula ukubhekana naso.”

UPotshoza usengakudalula ukuthi okunye okwamfakela isigcwagcwa umqeqeshi uhla lwabadlali ayefuna bachithwe olwalugcwele amagama abadabuka KwaZulu-Natal.

Lolu luhla baluchitha abaphathi ngoba abadlali ayethi uyabafuna ngokwezinga babengekho ngaphezulu kwalaba ayethi uyabachitha. Kwaba yileso sizathu esenza kwaba khona ungabazane.