UKHAMA Billiat okuvela ukuthi iMamelodi Sundowns iyazisola ukuthi yamdedelelani waya kwiKaizer Chiefs Isithombe:BACKPAGEPIX UKHAMA Billiat okuvela ukuthi iMamelodi Sundowns iyazisola ukuthi yamdedelelani waya kwiKaizer Chiefs Isithombe:BACKPAGEPIX
UKUNQOBA isicoco seligi kweMamelodi Sundowns ngomdlalo wokusonga isizini ka-2018/19 yikhona osekuphembe intshisekelo yokubuyisa uKhama Billiat, osekwiKaizer Chiefs.
Ngesonto eledlule Isolezwe lansuku zonke nelinguzakwabo waleli phephandaba langeSonto liphume nombiko obuthi umqeqeshi weSundowns uPitso Mosimane, akayiphiki eyokufuna ukubuyisa lomdlali.
“Kwesinye isikhathi kuba yishwa ukuthi ungabuboni ubuhle bomuntu osuke usondelene naye kuze kube umbona esehambela kude nawo nomunye kube yima ubona ubuhle bakhe. Ngokunjalo nokuhamba kukaKhama (Billiat) kwaba yishwa ngoba abaphathi babengakuboni ubumqoka bakhe kuleli qembu futhi becabanga ukuthi impilo izoqhubeka ngokujwayelekile yize engakho,” kuchaza umthombo.
Uthi kuqale kwasa ngokunye iqembu selizabalaza kanzima emidlalweni yokugcina nokuholele ekutheni liqukule indebe ngomdlalo wokusonga iligi.
“UKhama wayevele engathandi ukujoyina iChiefs (Kaizer) njengoba nemali ayeyifuna wawungemkhulu umehluko kodwa ngoba wayeyingxenye yeqembu bamthatha kancane. Okuna lokho abaphathi babona kungcono ukuthi banikeze abanye osekucacile ukuthi abanye bangayona lento eyabe icatshangwa,”kusho umthombo.
Ugciizelele wathi phezu kokuthi iSundowns ifisa ukumbuyisa lo mdlali kodwa naye usezwakalise ukungenami ngesimo saseNaturena.
“Akubonakali kuzokuba nenkinga ukumbuyisa ngoba naye uyafisa ukubuya njengoba wayehambe vele engafuni,” kusonga umthombo.
UMosimane ucashunwe wuzakwabo weSolezwe ngeSonto ethi akathandi ukuphawula ngendaba yalo mdlali ngoba angazithole esezidonsela amanzi ngomsele, esebekwa yiPSL (Premier Soccer League), icala lokweshela umdlali weqembu ekubeni ngakaxhumani nalo ukuze limnikeze imvume yokufinyelela kumdlali.
“Angifuni ukungena kulolu daba ngoba ngingazithola sengibekwa icala yiLigi lokweshela umdlali kungavunyelwananga neqembu lakhe.
“Ngakho konke okudingekayo ngalo mdlali kungaxhunyanwa neSundowns okuyina ethintekayo.
“Engingakusho wukuthi akekho umqeqeshi ongeke angathandi ukuba nohlobo lomdlali onjengoKhama eqenjini lakhe.”
Ngakolunye uhlangothi uMike Ngobeni, oyimenenja kaBilliat ngoLwesibili ebusuku utshele umethuli wohlelo lwezemidlalo kwiSAFM ukuthi akanalo ulwazi ngemibiko emumatanisa lo mdlali neSundowns.
“Engikwaziyo yizicelo zamaqembu angaphandle kweSouth Africa abefuna ukuthenga lomdlali. Lezo zicelo engazidlulisela kwiChiefs yazichitha beziqhamuka eqenjini lase-Egypt, Casablanca naseSaudi Arabia. Ngaphinde ngahlala phansi naye umdlali ngale zicelo, wathi akazimisele ngokuhamba eNaturena ngoba usaphatheke kahle. Engingakwazi okweSundowns. Ngokujwayelekile uma umdlali enesivumelwano neqembu elithize kuqale kuhlangane wona kuqala avumelane. Kuthi uma wona eseqedile kube yima imenanja yomdlali ingenelela isizobhekelela izimfuno zomdlali. Ngakho anginalo ulwazi noma zikhona yini izingxoxo ezikhona phakathi kwamaqembu womabili,” kusho uNgobeni.
Ebuzwa ngalolu daba nokuthi aluqinisekise u-Alex Shakoane, okhulumela iSundowns uthe yena njengomkhulumeli weqembu akazi lutho.
“Yingakho ngingazange ngiwuphendule umyalezo wakho ngoba akukho engikwaziyo ngalo. Mina ngiwumkhulumeli weqembu ngakho uma engekho oseke weza kimi wazongitshela ngalo wakuqinisekisa ayikho into engingayisho. Kimina kuse ngamahemuhemu,” kusho uShakoane.