UCASTER Semenya ochithwe ukuthi abambe iqhaza kumaWorld Champs ngoSepthemba nonyaka UCASTER Semenya ochithwe ukuthi abambe iqhaza kumaWorld Champs ngoSepthemba nonyaka
UKUGUQULWA kwesinqumo seSwiss Federal Supreme Court, ebesivimbela i-IAAF (International Association of Athletics Federations) ekutheni ingaqali ukusebenzisa umthetho wayo onqabela abagijimi besifazane abanemizimba ekhiqiza ngokweqile uketshezi lwe-testosterone, kugqeme uCaster Semenya udume.
Kunenkolelo yokuthi ukukhiqizwa ngokweqile komzimba lolu ketshezi kuholela ekutheni umgijimi wesifazane abe namandla ukwedlula abanye abagijimi.
Ukuguqulwa kwesinqumo kukhomba ukuthi ingqwele yama-Olympic amahlandla amabili ngeke isakwazi ukuvikela isicoco sayo eyasithola ngokudla umhlanganiso ebangeni eliwu-800m kuma-World Championship ezokuba seDoha, eQatar, ngoSepthemba 28.
NgoLwesibili abameli bakaSemenya bakhiphe isitatimende lapho bebechaza khona ukuthi iJaji elilodwa leSwiss Federal Supreme Court lisiguqulile isinqumo sokuqala senkantolo ebesithi inhlangano eyengamele umdlalo wejubane emhlabeni (IAAF) ingaqali iwusebenzise lo mthetho owawuqinisekiswe yiCAS (Court of Arbitration for Sports) ukuthi ungaqali usebenze kuze kube kuphothulwa ukuqulwa kwaleli cala ngawo (umthetho).
“Esinqumeni sakamuva senkantolo yokubuyekezwa kwamacala sigcizelela ekuhlangabezaneni nemigomo eqinile ekutheni bekungamiswa ukusebenza kwalo mthetho, obekungazange kuhlatshezwane nakho kulo ludaba.”
UDorothee Schramm, ohamba phambili ekwethulweni kobufakazi, uthe iJaji ligxile kakhulu kwinqubomgomo okuyisimo esingeke siphazamisane nesimo sonke sokwedluliswa kwecala.
“Sizoqhubeka nokwedluliswa kwesinqumo obekwenziwe nguCaster nokuthi silwele isisekelo samalungelo abantu. Umjaho wejubane usuke ungakapheli uma ungakafiki entanjeni,” kusho uSchramm kwi-The Guardian.
Ephawula uSemenya uthe: “ Ngiphoxekile ukuvinjwa ekutheni ngikwazi ukuvikela isicoco engasisebenzela kanzima. Lokhu ngeke kungivimbe ekutheni ngiqhubeke nokulwela amalungelo abantu uma kuza kubagijimi baseifazane.”
UMengameli we-Athletics South Africa (ASA), * -Aleck Skhosana, uthe ngeke akwazi ukuphefumula ngoba bebesasicubungula isinqumo senkantolo.