Ezemidlalo

Ishuba ngehora ekaBale neReal Madrid

Intatheli Yediski|Published

Umdlali weReal Madrid uGareth Bale osephelelwe yindawo kuleli qembu kulandela ukubuya kukaZinadine Zidane njengomqeqeshi. Isithombe: Umdlali weReal Madrid uGareth Bale osephelelwe yindawo kuleli qembu kulandela ukubuya kukaZinadine Zidane njengomqeqeshi. Isithombe:

KUFANELE ukuba isimphathisa ngekhanda indaba yesikhwishikhwishi saseWales, uGareth Bale, umqeqeshi weReal Madrid uZinadine 'Zizou' Zidane. 

Lo mqeqeshi ulibeke ngembaba ukuthi lo mdlali akekho ezinhlelweni zakhe ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2019/2020 yeLa Liga.

Lokho ukusho evele eseqinise iqembu lakhe ngabadlali okubalwa kubo u-Eden Hazard noLuka Jovic nabanye.

Kwenzeka lokhu nje, kuvele kusanemibiko yokuthi usazama indlela yokukhipha uPaul Pogba emabhukwini eManchester United engazimisele ngokumdedela ngemali engabhekile 

IMadrid kubukeka isihluleke yancama ukudayisa noma ukubolekisa uBale kanti nemenenja yakhe, uJonathan Barnett obexoxa neSky Sports esebenzisana neSuperSport ngoLwesibili ithe ngeke aphume kalula. 

“Akuzuba naminyakazo engasile yokumkhipha eqenjini,”kusho uBarnett.

“UGareth ngomunye wabadlali abaphambili kulo mhlaba. Ngingakuqinisekisa ukuthi akukho qembu azobolekiswa kulo.”

Inkulumo kaBarnett iphendula ekaZinedine Zidane ocija iqembu ocashunwe ngMsombuluko ethi iqembu “liphezu kwezinhlelo zokumchitha” uBale. 

UBale, 30, usenqobe izicoco ezine neReal ayijoyine ngo-2013 esuka kwiTottenham Hotspur ngerekhodi lokubiza ukubedlula bonke abadlali emlandweni kanobhutshuzwayo.

IReal imkhokhele u-100 million wama-euro (R1.5 billion) uBale nokho kusukela lapho akaze angene khaxa esikimi seReal.

Yize imemenja yakhe ichitha eyokubolekiswa kodwa iminyaka yobudala nokulimala njalo kusho ukuthi kuzomele amukelwe ukwehlelwa wumholo ukuze athole elinye iqembu, ikakhulu e-Europe, elizovuma ukumsayinisa ngokugcwele.

Nokho akhona amaqemu eChinese Super League, iJiangsu Suning neBeijing Guovan, aseke amataniswa nomdlali.

“UGareth ungumdlali weReal Madrid futhi okwamanje uyahlala njengomdlali weReal Madrid,”kusho uBarnett.

“Uma kukhona okuvelayo okusifanele izinto zingashintsha lapho-ke futhi angahamba ngosuku noma ngesonto. Okukanye angaqhubeka abe ngumdlali weReal eminye iminyaka emithathu uma inkontileka yakhe isiphelile.”

Okunye okuzophathisa uZidane ngekhanda ukulimala komdlali amuzwa ngaphakathi uMarco Asensio olimale bedlala ne-Arsenal ehlephula umsipha ohlanganisa isihluzu neqakala.