Ezemidlalo

Iphini lomqeqeshi wePirates licikwa umkhaba woweSundowns

Potshoza|Published

IPhini lomqeqeshi we-Orlando Pirates uRulani Mokwena elizwakalise ukuphoxeka ngesimo somdlali weMamelodi Sundowns. Isithombe: Backpagepix IPhini lomqeqeshi we-Orlando Pirates uRulani Mokwena elizwakalise ukuphoxeka ngesimo somdlali weMamelodi Sundowns. Isithombe: Backpagepix

OWAYEYIPHINI lomqeqeshi kwiMamelodi Sundowns kodwa osenza umsebenzi ofanayo kwi-Orlando Pirates, uRulani Mokwena, ukhwele wadilika kuMotjeka Madisha okusabelele izithombe zakhe eziqeqesha neSundowns kodwa engabukeki njengomdlali webhola elikhokhelayo.

Yize sekusele isonto kuqale ushikishi lwemidlalo ye-Absa Premiership, umkhaba kaMadisha uyathusa uma uzokhumbula ukuthi ukuba yimiqemane kwabadlali kumqoka kangakanani kumqeqeshi weSundowns, uPitso “Jingles” Mosimane (ongancengi).

Ngesizini edlule uMosimane ongathuli uma kukhona okungamphethe kahle, wenze okufanayo ehla ngaphezulu uGeorge Lebese obebuye emaholidini enonophele kunalokhu obekulindelekile.

Kuyacaca-ke kulokhu ukuthi uMosimane akazange amnake uMadisha kumbe usalindele uphawini wokumnabisa kahle ngoba neqhawe lakho uPotshoza lisesimeni esingcono kunalesi esibonakala sengathi uMadisha ukusona. Asisihle neze isithombe sikaMdaisha nomkhaba othusayo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana.

Ngemuva kokuzithela kulesi sithombe, uMokwena uhlulekile ukuzibamba.

Ngokomthetho abaqeqeshi abaningi abakholelwa ekukhulumeni ngabadlali bakwamanye amaqembu kodwa kulokhu uMokwena uhlulekile ukuzibamba.

Lo mqeqeshi oseke wabanjwa ngamawashingi umlandeli weSundowns ngoba emsola ngokususa uthuthuva kweminye yemidlalo yala maqembu, ubhale kusona lesi sithombe kwi-twitter wathi: “Kuyaphoxa-ke lokhu.” Ubhale kanje wase elandelisa ngezimpawu zokuthi udinwe uyaveva.

Kungenzeka ukuthi uMokwena ucasuka nje, yingoba usebenze kakhulu nalo mdlali esekwiSundowns.

Uyaziwa uMokwena ngokusondelana kakhulu nabadlali abasebancane.

Ngokumazi kukaPotshoza uMosimane, uMadisha ngeke abonakale enkundleni yinqobo nje uma engakenzi lutho ngethuna lengane elibonakala licace bha esithombeni sakhe.