Ezemidlalo

I-Eagles ivuke ngowalandwa yiChiefs eZimbabwe

Potshoza|Published

U-Edmore Chirambadare okwakulindelwe lukhulu kuye ngesikhathi efika kwiKaizer Chiefs. Isithombe: Muzi Ntombela/BackpagePix U-Edmore Chirambadare okwakulindelwe lukhulu kuye ngesikhathi efika kwiKaizer Chiefs. Isithombe: Muzi Ntombela/BackpagePix

USEZOSHOVA kwiRoyal Eagles yaseThekwini umdlali waseZimbabwe olandwe yiKaizer Chiefs, u-Edmore Chirambadare.

Sekuwumlando ukuthi uChirambadare ufike kwiChiefs esuka kwiChicken Inn ethwelwe ngeqoma kodwa washaya udaka waze wachithwa.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi sisayinise uChirambadare. Usengumdllai wethu ngokusemthethweni futhi sethemna ukuthi uzokwengeza okuthile ngamava akhe,” uSithembiso Hlongwane, okhulumela i-Eagles utshele ezikaPotshoza.

Ngesizini edlule uChirambadare ubedlala kwiMaccabi FC nayo eyibamba kwiNatinal First Division (NFD) kodwa elahlekelwe yinqwaba yabadlali okubalwa kubo noCollins “Ntofontofo” Mbesuma.

Kwi-Eagles uChirambadare, osamelwe wukuzibonakalisa, uzofica omunye umgadli oshaye udaka kwiChiefs, u-Edward Manqele noMoeketsi Sekola oke wakhala nesicathulo segolide.

UChirambadare usamelwe wumthwalo wokuvala imilomo abalandeli beChiefs abasakhala ngokuthi ungomunye wabadlali abatashwa eZimbabwe ngamanani aphansi uBobby Motaung oyimenenja yebhola kwiChiefs.

OWE-DOWNS UKHONJWA EMPHITHI

UMGADLI weMamelodi Sundowns uJose Ali Meza uziqeqesha neMaritzburg United ngenhloso yokuzozama inhlanhla kuleli qembu laseMphithi.

Ngokuthola kweSolezwe, uMeza kungenzeka abolekise kwezika-Eric Tinkler, njengoba elizwa ngendaba ijezi kuBafana Ba Style abalolongwa uPitso “Jingles” Mosimane.

Nakuba uMeza ebe yingxenye yaMasandawana ekhempini ebiseBotswana, kodwa kuyahlaluka ukuthi uMosimane usekubeke kwacaca kulo mgadli ukuthi akekho ezinhlelweni zakhe ngesizini ezoqala.