VICTOR GOMES VICTOR GOMES
UKUPHUMA kweBafana Bafana esigabeni samaqembu awu-16 kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezosongwa kusasa eCairo, e-Egypt, akuchazanga ukuthi sekuphelile ngabantu baseNingizimu Afrika.
Uhlu lonompempe abazobe bedlalisa owamanqamu oluvele ngoLwesibili lukhomba ukuthi nguVictor Gomes, waseNingizimu Afrika, ozobe ephethe umdlalo.
Umdlalo weSenegal ne-Algeria useCairo International Stadium kusasa ngo-9 ebusuku.
Usihlalo wesigungu esiphethe izindaba zonompempe, uTenda Musikhwa, uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngalolu daba kuze kube baziswa yiCAF ngokusemthethweni.
“Nakuba ngingeke ngiphawule ngokusemthethweni kodwa nami ngilutholile ngomuntu oseCairo uhlu lwamagama onompempe abazokube bedlalisa owamanqamu kodwa ngenxa yokuthi iCAF ibingakasazisi ngokusemthethweni ngeke ngikwazi ukuphawula.
“Ngizoze ngiphawule mhlawumbe kusasa (namuhla) ngokuthi kusho ukuthini kwiSafa nezwe ngokubanzi, ukuqokwa kwakhe (Gomes) ekutheni adlalise umdlalo wamanqamu,” kusho uMusikhwa.
Kulindeleke ukuthi kusiphuke izidindi kulo mdlalo ngenxa yokuthi uzocacisa ukuthi liphakeme kuphi izinga lokudlalwa kukanobhutshuzwayo phakathi kwamazwe asenhla nezwekazi i-Afrika nalawo aseNtshonalanga yayo.
UGomes noZakhele Siwela yibona bobabili onompempe abaqhamuka eNingizim Afrika ababambe iqhaza kulo mqhudelwano.
UGomes, odume ngokungangabazi ukugqashula ikhadi elibomvu, ugcine ukudlalisa umdlalo obuphakathi kweTunisia neGhana kwiLast 16 owanqotshwa yiTunisia.
Esigabeni sokuqala komqhudelwano wadlalisa umdlalo phakathi kweZimbabwe ne-Uganda.
Emuva kwalokho ubewunompempe wesine koweNigeria ne-Algeria.
Akungatshazwa ukuthi abantu baseGhana ngeke bamnambithisise ngenxa yesinqumo sakhe sokuphika igoli leqembu lakhona elalibukeka kuyilo lishaywe ngu-Andre Ayew bedlala neTunisia.
Nakuba kunjalo uGomes kubukeka akushaya indiva ukugxekwa kwakhe ngenxa yokuthi uyindoda engawubambi umshini uma isenkundleni.
Lo nompempe uzohamba endleni okuhambe kuyo uJerome Damon noDaniel Bennett asebeke badlalisa imidlalo yeCAF neyeFIFA.
NoSiwela oyisethenjwa sabaqeqeshi samaqembu amaningi kwiPremiership ubekade esethimbeni lonompempe abaqhamuka e-Afrika abebedlalisa imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2018 eRussia.