Ezemidlalo

I-Bucs izoqeda ukhondolo lwendawo yesibili

Nhlanhla Sithole|Published

ABANYE babadlali (Fortune Makaringe noTshegofatso Mabasa) okwethulelwa ngabo isigqoko usihlalo weBucs * -Irvin Khoza ABANYE babadlali (Fortune Makaringe noTshegofatso Mabasa) okwethulelwa ngabo isigqoko usihlalo weBucs * -Irvin Khoza

UKUQEDA imidlalo yesizini endaweni yesibili kwe-Orlando Pirates ilandela ngemuva kweqembu elisuke liqhwakele phezulu yikhona okuholele ekutheni abaphathi bayo babhukule baphume umkhankaso wokusayinisa abadlali abaningi abasezingeni eliphezulu.

UFloyd Mbele, oyisikhulu ehhovisi le Zimnyama utshele Isolezwe ngeSonto ukuthi kubakhathaze kakhulu ukulokhu bephuma endaweni yesibili amahlandla amabili kulandelana.

“Besilokhu sibasayinisa abadlali abasezingeni eliphezulu njengoba ubonile nanyakenye. Kodwa kulokhu kuthe uma siphuma endaweni yesibili, amahlandla amabili kulandelana sathi akesihlolisise thina ngokwethu. Yilapho-ke, sibone kungcono ukuthi sisayinise abanye abadlali abanohlonze ngethemba lokuthi bazokwazi ukusibeka lapho sifuna ukufinyelela khona,” kuchaza uMbele.

“Okunye okube nomthelela ekutheni sisayinisa abadlali abaningi yingoba iqembu lizodlala kwiChampions League. Nonyaka uzokhumbula ukuthi iqala ngo-Agasti hhayi ngoJanuwari njengoba bekunjalo phambilini. Ngakho kumqoka ukuthi usayinise abadlali abaningi ukuze ukwazi ukumelana nezinselelo ezihambisana nokudlala kulo mqhudelwano,”usho kanje uMbele.

Ebuzwa ngabanye abadlali abangase babasayine uthe: “Asikawavali amabhuku njengoba kusengenzeka kube khona abanye abathathu esizobasayinisa. Njangamanje sisahlolisisa isimo ukuze sibone ukuthi luhlobo luni esilufunayo,”kuphetha uMbele onqabe waphetha ukudalula le zindawo.

Ngesonto eledlule ezikaMagebhula zimemezele ukusayinisa kwazo abadlali abayisithupha abanohlonze. La badlali ngoKabelo Dlamini, Bongani Sam, Tshegofatso Mabasa (bonke bebekwi-Bloemfontein Celtic), Fortune Makaringe, Siphesihle Ndlovu (ebedlalela iMaritzburg United), Tebogo Tlolane (obekwiChippa United), nonozinti uJoris Delle, waseFrance obedlalela Feyenoord yaseHolland edlala ngaphansi kwesigaba i-Eredivisie (First Division).

Kanti ekusombulukeni kweledlule iphinde yamemezela ukujoyinwa kwayo nguGabadinho Mhango obekwi-Bidvest Wits).

Abadlali abakhishwe ngesango nabafakwe ohleni lwabadayisayo ngoGladwin Shitolo, Thabo Matlaba, Abbubaker Mobara, Marshall Munetsi, Ayanda Nkosi, Thabo Qalinge, Jackson Mabokgwane noMeshack Maphangule.

UDiamond Thopola, Phetso Maphanga bajoyine iChippa United.

Umgadli uThamsanqa Gabuza ujoyine iSuperSport United

Ngokunjalo noShitolo naye umataniswa neLamontville Golden Arrows.

UCiao Marcelo, odabuka eBrazil akafuni ukujoyina iChippa njengoba bekumemezelwe kanjalo phambili.

Ukungenami kwabaphathi bezikaMagebhula ngokuphuma endaweni yesibili ngemuva kweMamelodi Sundowns kuhlale obala kusihlalo wayo * -Irvin “Iron Duke” Khoza, ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokuvula umcimbi wokwethula imiklomelo emaqenjini nalabo abenze kahle ngaphansi kwePremier Soccer League ngesizini edlule.

UPhumudzo Manenzhe (35), usishayele ihlombe isenzo sikasihlalo wePirates uKhoza, sokusayinisa abadlali abanohlonze ezindaweni ezimqoka nabazokwenza ebebedlala kuzona bavuke emaqandeni ngoba uma kungenjalo bazohlala ebhentshini noma esitendeni nezibukeli zomdlalo.

IBucs izovula umdlalo wayo weligi ngeBloemfontein Celtic ezodlala nayo ekhaya ngo-Agasti 3.