Ezemidlalo

Konke sekuqondile ngePremier’s Cup

Nhlanhla Sithole|Published

Iqembu laMaZulu elinqoba iPremier's Cup nyakenye. Isithombe: Sigciniwe Iqembu laMaZulu elinqoba iPremier's Cup nyakenye. Isithombe: Sigciniwe

KUGCINE kuvunyelenwe ngezinkundla okuzodlalelwa kuzona imidlalo yeKwaZulu-Natal Premier's Cup. 

Lokhu kungemuva komhlangano wamaqembu ayisikhombisa alesi sifundazwe azokube ebambe iqhaza kuyona. 

Ngokusho kukaThabo Mofokeng, oyisikhulu soMnyango wezeMidlalo KwaZulu-Natal (KZN), kugcine kuvunyelwene ngezinkundla okuzodlalelwa kuzona.

"Njengoba bese kusele ukuthi kuqinisekiswe ngezinkundla okuzosingathelwa kuzona le midlalo, emhlanganweni obuseKingsmead Cricket Stadium, kuvunyelwane ngokuthi kuzokuba yiPrincess Magogo Stadium, KwaMashu, neKing Zwelithini Stadium, eMlaza. 

Kuzokhumbuleka ukuthi izinsuku okuzodlalwa ngazo kade kwavunyelwana ngazo, okuzoba nguJulayi 27 no-28. Obese kusele yizinkundla nokugcine kuthathwe isinqumo sokuthi kube yilezi esengizibalile," kuchaza uMofokeng.

Amaqembu azobamba iqhaza kuzokuba ngamathathu adlala kwiPremiership namane adlala esigabeni seNational First Division (NFD). Emaqenjini ePremiership ngaMaZulu, Lamontville Golden Arrows neMaritzburg United. Awe-NFD iRoyal Eagles, Uthongathi FC, Real Kings neRichards Bay FC.

Le midlalo izokwethulwa emphakathini ngokusemthethweni emcimbini ozokuba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoJulayi 11.