UThembinkosi Lorch obe ngumdlali ovelele wePSL, nePlayers Players of the Season ngemuva kwesizni ka-2018/2019 ye-Absa Premiership. Isithombe: Backpagepix UThembinkosi Lorch obe ngumdlali ovelele wePSL, nePlayers Players of the Season ngemuva kwesizni ka-2018/2019 ye-Absa Premiership. Isithombe: Backpagepix
NGEMPELA ngempela umqeqeshi weBafana Bafana umzondani umdlali wesizini kwi-Absa Premiership uThembinkosi “Nyoso” Lorch?
Uthi uyamazi kodwa uBaxter lo mdlali noma waphoqwa ukuthi ahambe naye ngoba ehlabane ngokuba wumdlali wonyaka?
Le ngeminye yemibuzo ebidla lubi ezinkundleni zokuxhumana emuva kokushaywa kweBafana emdlalweni we-Africa Cup of Nations (Afcon) yiMorocco ngo 1-0. Ukushaywa kweBafana lapha kuyishiye imincele imiphumela yemidlalo kaGroup E noGroup F edlalwe izolo ebusuku.
Nakuba abaningi bebelibeka ngembaba elokuthi bamincele ukuthi iBafana ingaphumeleli ukupulukutshela kwiLast 16, okugqamile wumbuzo ngoLorch, okuze kube yimanje ijezi limeqa ekhona. Ngesikhathi iBafana ilungiselela ukuya e-Egypt lapho kuqhubeka khona i-Afcon, uBaxter ukhulume isimanga ebuzwa ngoLorch.
“Kubalulekile ukuthi azikhombise kimina ukuthi uwumdlali esingamsebenzisa kwiBafana,” usho kanje uBaxter.
Lokhu akwehlanga kahle kubathandi bebhola kuleli. Kuphinde kwakhula kumbe kwavuka lokhu engasadlaliswa ngisho kucaca ukuthi ithuba likhona.
NgokukaMike Makaab, oyimenenja yabadlali, umdlalo weMorocco ubuzichaza ukuthi kudingeka ijubane nomjiko oya phambili walo mdlali oqokwe njengovelele ngesizini edlule.
“Uphi uLorch, ngoba umdlalo uvuma umdlali onjengaye?” ubuze kanje uMakaab yize engeyena obheke izindaba zalo mdlali.
IBafana ithole igoli elilodwa emidlalweni emithathu. Abaningi, okuhlanganisa nowayengukaputeni weBafana, uSteven Pienaar, bakholwa ukuthi lokhu bekuzohluka ukube ubekhona uLorch kule midlalo iBafana eshaye udaka kuyona.
“Awukahle phela mqeqeshi (Baxter). Sesibone kwanele. Sekuyisikhathi sokuthi ufake uLorch,” ubhale kanje uPienaar odlale nakwi-Everton, Tottanham Hotspur nakwiSunderland. UPienaar uyidlalele iBafana amahlandla angu-62.