UTOKELO Rantie oke wayibamba kwiBafana Bafana kuvela ukuthi uziqeqesha neMamelodi Sundowns UTOKELO Rantie oke wayibamba kwiBafana Bafana kuvela ukuthi uziqeqesha neMamelodi Sundowns
KUMELE asebenze kanzima ekwehliseni isisindo nasekubuyeleni esimeni esifanele ukudlala uTokelo Rantie ukuze ahehe iso labaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns azicija nayo.
URantie ujoyine iSundowns eqale amalungiselelo ayo esizini entsha ngesonto eledlule ngenhloso yokuzohlolwa ngabaqeqeshi.
Lezi zindaba ziqinisekiswe umthombo ongaphakathi kulabo mpetha beligi.
“Akasiyena umdlali weqembu kodwa uyahlolwa. Bamnikeza ithuba lokuthi aziveze. Yena kusamele asetshenzwe ngoba ngokomzimba akekho esimeni esihle ekubeni ibhola lakhe limandla kakhulu ekusebenziseni ijubane,” kusho umthombo.
Uthe uma uRantie ezimisele angasehlisa isisindo.
“Kukhona uKabelo Rangoaga (oyi-Physical Trainer) baningi ebehlisa. UGeorge (Lebese) Aubrey Ngoma noThokozani Sekotlong badlule kuyena wabehlisa.”
UThulani Thuswa ebuzwa ngezinguquko ezikhona eqenjini nabajima naqembu, uthe: “Akukho engizokuphawula ngoba umqeqeshi ubengakasho lutho.”
Umqeqeshi weSundowns uPitso Mosimane ngesikhathi kusongwa isizini wakusho ukuthi ufuna umgadli omusha eqenjini lakhe.
Kodwa indlela amchaza ngayo lo mgadli wathi ufuna unyazi oluzobanikeza okungenani amagoli ayishumi ngesizini.
URantie yize aba namagalelo amahle egijima kwi-Orlando Pirates nakwiBafana kodwa kumasizini edlule uhlulekile wukuzinza emaqenjini abekuwona.
Ngesizini edlule usayine kwiCape Town City kodwa wagcina echithwa engazange adlale.
UBenni McCarthy opheka iCity watshela abezindaba ukuthi ukungaziphathi ngendlela kukaRantie njengoba ebhekene nezinkinga yikho okumlahlekisele ngethuba.
Lo mgadli osephenduke umtshingo ubethwa ngubani wayechithwe yiqembu laseTurkey iGenclerbirligi ekupheleni kuka-2017 ngakho ukuhlulwa wukuziphatha.
ISundowns kungenzeka ihlukane nomgadli uJeremy Brockie osehlulekile wukulenza elakhe ijezi selokhu afika kuleli qembu lasePitoli ngo-2018. Unegoli elilodwa emidlalweni ewu-13.