Ezemidlalo

UKhoza uqinisekisa ekaJele nePirates

Minenhle Mkhize|Published

UKAPUTENI we-Orlando Pirates, uHappy Jele, kuvela ukuthi uzohlala eqenjini yize engakayivuseleli inkontileka yakhe UKAPUTENI we-Orlando Pirates, uHappy Jele, kuvela ukuthi uzohlala eqenjini yize engakayivuseleli inkontileka yakhe

KUBUKEKA ukaputeni we-Orlando Pirates, uHappy Jele, ezoqhubeka nokuhlala kumaBhakabhaka yize lena kuyinyanga yokugcina kwinkontileka anayo neqembu.

UJele ngumdlali osehlale isikhathi eside kunabo bonke kweZimnyama. Selokhu afika ngo-2006.

Kule minyaka ewu-13 usebe nezikhathi zenjabulo nezosizi njengoba sekuphele iminyaka eyisikhombisa iqembu lagcina ukunqoba isicoco seligi. Wayekhona eqenjini eladla izicoco ezintathu amasizini amabili elandelana. Wayengukaputeni begcina ukuphakamisa indebe ngo-2014 bedla iNedbank Cup.

Ngesikhathi usihlalo wePirates, u-Irvin Khoza, ebuzwa ngekusasa likaJele uzwakale njengomuntu osazimisele ngokumgcina.

“UJele usengumdlali wePirates. Akukho esisakushilo kuye. Siyakubonga kakhulu akuzuze neqembu futhi kuyabonakala ukuthi uyazimisela. Likhona iqhaza asengalibamba eqenjini ngaphandle uma yena engathi imilenze yakhe isikhathele,” kusho uKhoza.

I-Pirates isidilize abadlali abaningi njengoba kulungiselelwa isizini entsha. Isihlukane noThabo Qalinge, Ayanda Nkosi, Abbubaker Mobara, Jackson Mabokgwane, Diamond Thopola, Phetso Maphanga, Gladwin Shitolo, Thabo Matlaba Mpho Makola noMeshack Maphangule.

Isayinise uSiphesihle Ndlovu, Fortune Makaringe (abebedlala kwiMaritzburg United), Tshegofatso Mabaso, Bongani Sam, Kabelo Dlamini. Bonke laba badlali ibethule ngokusemthethweni izolo emini.

I-Pirates iphinde yamemezela ukuthi isayinise unozinti waseFrance, uJoris Delle, osayine inkontileka yeminyaka emithathu.

“Ngiyajabula ukujoyina iqembu elikhulu elibizwa nge-Orlando Pirates nokuzoqala umshikshika omusha eNingizimu Afrika,” kusho uDelle.

UHendrick “Pule” Ekstein obedlalela iKaizer Chiefs ngomunye wabadlali okuvela ukuthi ingase ibasayinise.

UKhoza uthe kuyamjabulisa ukubona uJele ekhula selokhu afika kweZimnyama njengoba esegcine ngokuthi agqoke ibhande.

UJele, odlala emuva, uphuthwe wumdlalo owodwa weligi ngesizini edlule.

“Ngebhadi walimala sekuphela isizini kodwa useyazama ukubuya,” kusho uKhoza.