UTHEMBELA Sikhakhane ozophinde abonakale eqenjini laMaZulu kwisizini ezayo ye-Absa Premiership UTHEMBELA Sikhakhane ozophinde abonakale eqenjini laMaZulu kwisizini ezayo ye-Absa Premiership
UMDLALI wasemuva kwesokudla, uThembela Sikhakhane, ukhuza ibuya kuMaZuLu, aphinde wabolekiswa kuwona isizini eyodwa yi-Orlando Pirates.
USikhakhane (26), odabuka KwaGqikazi, oLundi, ubenethemba lokuthi uzolithola ithuba lokulwela ijezi kwiPirates kodwa ngenxa yezinguquko iqembu eliphezu kwazo, ube nomshophi wokuthi aphinde abe sohleni lwabadlali abachithwayo nababolekiswayo.
Leli phephandaba lithole ngomthombo walo ukuthi lo mdlali ubuyela kuMaZulu kwaphinde kwaqinisekisa iqembu lakhe, iPirates.
“Kuthiwa izingxoxo phakathi kwezinhlangothi zontathu, okungamaqembu womabili nomdlali, seziphothuliwe ukuthi aphinde agijime kuMaZulu ngale sizini. Kuphelile konke manje.
“Umdlali kufanele aqale ukuzilolonga neqembu ngoMsombuluko,” kusho umthombo.
Ecelwa ukuba aqinisekise ngalo mbiko okwezokuxhumana kuMaZulu uBrilliant Mkhathini, uthe njengamanje akukho okubambekayo njengoba kungakasayinwa lutho.
Phezu kokuthi uMkhathini eshona ezintangeni ngokubuya kukaSikhakhane kodwa iPirates ikhiphe umbiko oqinisekisa lolu daba. Umthombo uthe amaphepha aqinisekisa ukubuyela kuMaZulu, azosayinwa ngokusombuluka kwesonto.
Esitatimendeni esikhishwe yiPirates ngoLwesihlanu kuthiwe: “Abaphathi be-Orlando Pirates bafinyelele esivumelwaneni sokukhulula uGladwin Shitolo, Phetso Maphanga, Diamond Thopola noCaio Marcelo ukuba bajoyine iqembu iChippa United edlala esigabeni se-Absa Premiership. Bobane sibafisela inhlanhla kukhona konke abakwenzayo esikhathini esizayo.
“Iqembu lingaphinde likuqinisekise ukuthi la badlali abalandelayo bafakwe ohleni lwabadayisayo. Laba ngoMpho Makola noMeshack Maphangule.”
Sisekuzona ezoSuthu, abaphathi bagcine
beyilulile ngamasizini amabili inkontileka kaTshepo Gumede, ofike kuleli qembu ngesizini edlule ngesikhathi kuvuleka iwindi ngesizini.
UMkhathini, ukuqinisekisile ukwelulwa kwenkontileka kaGumede ngamasizini amabili.
“Yebo, ngingakuqinisekisa ukuthi inkontileka kaTshepo Gumede yeluliwe ngeminyaka emibili,” kusho uMkhathini.
Omunye umdlali waseKZN uPhumlani Ntshangase, ubuyele ekhaya ezodlalela iMaritzburg United abolekiswe kuyona isizini eyodwa.
UNtshangase ungumdlali weBidvest Wits, ebikade imbolekise kwiSuperSport United.