UMQEQESHI weBafana Bafana uStuart Baxter okubekwe amathemba kuye ukuthi acije imiqondo yabadlali bakhe Isithombe: BACKPAGEPIX UMQEQESHI weBafana Bafana uStuart Baxter okubekwe amathemba kuye ukuthi acije imiqondo yabadlali bakhe Isithombe: BACKPAGEPIX
OMUNYE womakadebona ebholeni likanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika, uFabian McCarthy, uthi iBafana Bafana ingakwazi ukuphendula amatafula idlulele esigabeni esilandelayo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), uma umqeqeshi engakwazi ukuqinisa abadlali bayo ngokomqondo.
IBafana ididiyelwe eqoqweni eliwuD, okukhona namazwe afana ne-Ivory Coast, Morocco neNamibia, umdlalo wayo wokuqala izowudlala ne-Ivory Coast, e-Al-Salam Stadium, eCairo, e-Egypt ngoMsombuluko) ngo 4.30 ntambama.
Uthi inkinga engabhe-kana neBafana ingaba kuphela semdlalweni neNamibia ngoba yona inabadlali abaningi abadlala eNingizimu Afrika, ababazi ukusuka nokuhlala abanye babadlali bayo.
Le ngwevu yayingomunye wabadlali ababeseqenjini lakuleli elaliqeqeshwa ngu-Ephraim “Shakes”Mashaba, elathusa abantu abaningi liqumba phansi iBrazil eyabe ibophele ingwazi yayo, uRonaldinho Gaúcho (Ronaldinho), emdlalweni wama-Olympic ayeseSydney ngo-2000.
Utshele Isolezwe ngoMgqibelo ukuthi akusekho okunye okufanele kwenziwe ngumqeqeshi uStaurt Baxter, njengoba isivele isinyathela amasimba abantwana, ngaphandle kokulungisa abadlali bakhe ngokomqondo ngoba amaqhinga ubacushisile ngawo emidlalweni yokungcweka.
“Okuhle kakhulu wukuthi siya (iBafana) kulo mqhudelwano siyiqembu elingabhekiwe ukuthi lingase liphendule amatafula. Uma singakwazi ukunqoba imidlalo emibili engasinikeza amaphuzu ayisithupha, okuyinto engenzeka, ngibona singakwazi ukudlulela esigabeni esilandelayo.
“Sivula ngomdlalo esizowudlala ne-Ivory Coast, okungelinye lamazwe ahlonishwayo e-Afrika emdlalweni kanobhutshuzwayo. Kulokho ngiyazi ukuthi abantu abaningi abayinike thuba iBafana, okungaholela ekutheni kuyiyona engagcina iphendula amatafula,”kubeka uMcCarthy.
UMcCarthy uthi umdlalo iBafana ezowudlala ne-Ivory Coast uzokuba nzima ngoba nayo ifuna ukugcina umlando wokuba yizwe elihlonishwayo e-Afrika ngomdlalo kanobhutshuzwayo.
“Phezu kokuthi i-Ivory Coast iyizwe eliqinile kodwa angiboni ingasithwalisa kanzima ngoba umlando wethu nabo ukhomba ukuthi akulona izwe elisihluphayo,”kusho uMcCarthy.
Le ngwazi ibuye yaveza ukuthi amazwe akuleli qoqo kufanele ayiqaphele kakhulu iNamibia ngoba ingaba yiqatha elingawabinda.
“Okuyingozi kakhulu emazweni afana neNingizimu Afrika, Ivory Coast neMorocco wukuthi bona abayazi kahle iNamibia njengoba ithathwa njengezwe elincane ebholeni lase-Afrika ekubeni lokho kungachaza ukuthi amatafula isengawephendula ngoba alikho izwe engalazi kulawa eqhathwe nawo,”kusonga uMcCarthy.
Namuhla:
Total Africa Cup of Nations: DR Congo v Uganda, 3.30pm, SS4; Nigeria v Burundi, 6.30pm, SS4; Guinea v Madagascar, 9pm, SS4
Kusasa:
DR Congo v Uganda, 3.30pm,
SS4; Nigeria v Burundi, 6.30pm,
SS4; Guinea v Madagascar, 9pm,
SS4;.
Kusasa:
Morocco v Namibia, 3.30pm,
SS4; Senegal v Tanzania, 6.30pm,
SS4; Algeria v Kenya, 9pm, SS4;
NgoMsombuluko:
Ivory Coast v South Africa,
3.30pm, SS4; Tunisia v Angola,
6.30pm, SS4; Mali v Mauritania,
9pm, SS4;
NgoLwesibili:
Cameroon v Guinea-Bissau,
6pm, SS4; Ghana v Benin, 9pm,
SS4.
NgoLwesithathu:
Nigeria v Guinea, 3.30pm, SS4;
Uganda v Zimbabwe, 6.30pm, SS4;
Egypt v DR Congo, 9pm, SS4.
NgoLwesine:
Madagascar v Burundi, 3.30pm,
SS4; Senegal v Algeria