Ezemidlalo

UMabena ubangwa ngamaqembu ePSL

Minenhle Mkhize|Published

UMGADLI weBloemfontein Celtic uNdumiso Mabena kuvela ukuthi ubangwa yiMaritzburg United neCape Town City UMGADLI weBloemfontein Celtic uNdumiso Mabena kuvela ukuthi ubangwa yiMaritzburg United neCape Town City

ONGAPHANSI nongaphezulu phakathi kweMaritzburg United neCape Town City okuthiwa babanga ukusayinisa uNdumiso Mabena.

UMabena usalelwe yinkontileka yonyaka neBloemfontein Celtic enezinkinga zemali.

I-Independent Media ithole ngomthombo othembekile ukuthi iTeam of Choice neThe Citizens bamfuna uthuli lo mgadli.

“IMaritzburg United neCape Town City yiwona amaqembu amabili aseveze ukuthi ayamdinga uMabena. Ngikhuluma nje izingxoxo ziyaqhubeka,” kusho umthombo.

UMabena ngomunye wabadllai abagqamile kwiCeltic kumasizini amabili edlule. Usihlalo weMaritzburg, uFarook Kadodia ukuqinisekisile ukuthi bayamdinga lo mgadli.

UMabena udlale imidlalo ewu-25 kwiCeltic ngesizini edlule washaya amagoli amahlanu, wakha ayisithupha.

Imenenja yakhe uFrancesco Ferreira ivumile ukuthi akhona amaqembu abuza ngomdlali.

“Angifuni ukuphawula kakhulu ngoba usenenkontileeka yonyaka neCeltic. Ubuyela kuyona njengoba kuqala izinhlelo zesizini entsha kodwa akhona amaqembu aseveze ukuthi ayamdinga. Kungenzeka kuqedwe kungakaqali isizini entsha kodwa okwamanje akukho osekuqinisekisiwe,” kusho uFerreira.

Ayiphumelelanga imizamo yokuthola isikhulu esiphezulu seCeltic uKhumbulani Conco njengoba ucingo lwaso beluthatha imiyalezo.

ICeltic isivele ilahlekelwe uTshegofatso Mabaso osekwi-Orlando Pirates kanti uBongani Sam noKabelo Dlamini bakhonjwa kuzona eZimnyama.

Usihlalo weCity, uJohn Comitis akazange atholakale izolo. Ucele ukushayelwa ngemuva kwehora ngoba ubesesemhlanganweni. Ethintwa futhi owesifazane ophendule ucingo uthe usesemhlanganweni.