Ezemidlalo

I-Pirates icacise ngabadlali abahambayo

Minenhle Mkhize|Published

ZAKHELE LEPASA ZAKHELE LEPASA

I-ORLANDO Pirates izimisele ngokuxoxa nomdlali wayo uZakhele Lepasa ngekusasa lakhe.

Lo mdlali ugqame kwiTS Galaxy kwiNational First Division (NFD) abebolekiswe kuyona yiPirates ngesizini edlule eyisize inqoba isicoco seNedbank Cup ngamagoli.

ULepasa ubuyele kweZimnyama njengoba kuqala amalungiselelo esizini entsha okuyilapho abaqeqeshi obekubhekwe ukuthi bacacise ukuthi yibaphi abadlali ababagcinayo, abazochithwa nabazobolekiswa.

Izolo iPirates iqinisekise ukuthi isichithe u-Abbubaker Mobara, osesayine kwiCape Town City, Thabo Qalinge, Jackson Mabokgwane no-Ayanda Nkosi.

Usihlalo weBucs, u-Irvin Khoza, uvumile ukuthi bazoludingida udaba lukaLepasa.

“Simbuyisile uLepasa. Sizoqedela izingxoxo naye kuleli sonto. Sizobheka ukuthi usekulungele yini ukuthi angadlala (kwiPirates). Usebolekwe isikhathi eside ukuze akwazi ukuthola isikhathi sokudlala,” kusho uKhoza.

ULepasa uyakwazi ukudlala njengomgadli noma aqhamuke kuzona zombili izinhlangothi.

Uma iPirates inquma ukumgcina kusho ukuthi uzobanga ijezi naboJustin Shonga, Thamsanqa Gabuza no-Augustine Mulenga.

“Ithimba labaqeqeshi libheka abadlali. Nokuzethemba komdlali kubalulekile ukucacisa ukuthi uselilungele leli thuba. Abagadli bayivela kancane eNingizimu Afrika. Uhlobo lomgadli esiludingayo akulula ukuluthola kodwa futhi esikhathini samanje wonke umuntu owumgadli, angalishaya igoli. Sizolinda ukubona ukuthi uyahlangana yini neqembu noma cha. Kukhulu yena angakufaka eqenjini,” kusho uKhoza.

I-Pirates isisayinise uSiphesihle Ndlovu, Fortune Makaringe noTshegofaso Mabaso. Ngesizini edlule iqede endaweni yesibili yangawina neyodwa indebe obese kungunyaka wesihlanu kwenzeka.