UBONGI Ntuli waMaZulu wethemba ukuthi uzoshaya into ecokeme ngesizini ezoqala ye-Absa Premiership Isithombe: BACKPAGEPIX UBONGI Ntuli waMaZulu wethemba ukuthi uzoshaya into ecokeme ngesizini ezoqala ye-Absa Premiership Isithombe: BACKPAGEPIX
UMGADLI waMaZulu FC, uBongi Ntuli, ufuna ukuba nesizini engcono eqenjini kulena ezoqala.
AmaZulu asanda kuqinisa abagadli bawo ngokusayinisa uLehlohonolo Majoro no-Andre De Jongh. UNtuli uthe akanankinga ngokubanga ijezi nalaba badlali.
“Uma ungumdlali umbango uhlezi ukhona yonke indawo. UMajoro uwumgadli onesipiliyoni. Nangesizini edlule ubukhona umbango eqenjini. Ngiyohlezi ngisebenza ngokuzimisela ejimini ukuze ngenze isiqiniseko sokuthi umqeqeshi uyangiqoka ngoba ebona ukuzinikela kimina,” kusho uNtuli kwiHeroes Cup eChesterville ngempelasonto.
Lo mdlali ufike kuMaZulu ebolekisiwe yiMamelodi Sundowns kodwa wagcina esengumdlali woSuthu ngokuphelele ngemuva kokuthi ludayisele amaBrazilians * -Emiliano Tade.
“Ukubanga nabadlali asebemkantshubomvu kuyangisiza njengomgadli osemncane. Yingakho ngibuka umbango ngendlela eyakhayo. Laba bagadli bayangisiza ukuze nginyuse izinga lomdlalo wami. Kade ngangibanga nabo njengoba bekukhona uSiyabonga Nomvethe noMabhudi Khenyeza abasize kakhulu ekukhuleni kwami,” kuchaza uNtuli.
AmaZulu asewaqalile amalungiselelo esizini entsha kanti uNtuli uzimisele ngokwenza kangcono phambi kwamapali.
"Ngesizini ezayo ngifuna ukuba umgadli ovelele. Ngizosebenza kanzima ukuze ngizuze lokho. Ngesizini edlule angizange ngigculiseke ngoba angikuzuzanga ebengizimisele ngakho. Bengifuna ukushaya amagoli angaphezulu kuka-10 kodwa kwangenzeka. Ngale kwalokho ngijabule ngokuthi sikwaze ukugcina indawo yethu kwiPremier Soccer League phezu kokuphucwa amaphuzu ayisithupha ekuqaleni kwesizini,” kusho uNtuli.
Ushaye amagoli ayisithupha kwiligi ngesizini edlule kanti Usuthu lugcine luqede endaweni ka-11 kwi-log ye-Absa Premiership.