PHEZU kokuthi agajwe yizinkinga AmaZulu FC, okubalwa ukukhishwa kwiTop 8 ngokuqala kwesizini nokuphucwa amaphuzu ayisithupha yiFifa kodwa konke lokho akubuphazamisanga ubudlelwano phakathi kwaleli qembu nabaxhasi balo beminyaka iSpar KwaZulu-Natal. Isithombe: Backpagepix PHEZU kokuthi agajwe yizinkinga AmaZulu FC, okubalwa ukukhishwa kwiTop 8 ngokuqala kwesizini nokuphucwa amaphuzu ayisithupha yiFifa kodwa konke lokho akubuphazamisanga ubudlelwano phakathi kwaleli qembu nabaxhasi balo beminyaka iSpar KwaZulu-Natal. Isithombe: Backpagepix
PHEZU kokuthi agajwe yizinkinga AmaZulu FC, okubalwa ukukhishwa kwiTop 8 ngokuqala kwesizini nokuphucwa amaphuzu ayisithupha yiFifa kodwa konke lokho akubuphazamisanga ubudlelwano phakathi kwaleli qembu nabaxhasi balo beminyaka iSpar KwaZulu-Natal.
Ngokuthola kweSolezwe ngoMgqibelo ngomthombo walo ongashayi phansi uthe sekuvunyelenwe ngokuthi kuqhutshekwe nokusebenzisana.
“Kuthiwa sebevumelene ngokuthi baqhubeke nokusebenzisana eminya iminyaka ethile. Engingakwazi ukuthi kuvunyelwane ngeminyaka emingaki ngoba leyo yimininingwane esagodliwe kuze kube kuyasayinwa phansi ngaphmbi kokuthi kudalulwe yonke into ngesivumelwano, okungenzeka ngokusombuluka kwelizayo,” kubeka umthombo.
Ethintwa ngalolu daba uLunga Sokhela, oyimenenja jikelele kuMaZulu akavumanga futhi akaphikanga ngaphandle kokuthi kusaxoxiswana. “Njengamanje akukho engingakusho ngoba izingxoxo zisaqhubeka mhlawumbe ngesonto elizayo kuzobe sekukhona okubambekayo."
USpar ungenye yezinkampani esezinenkonzi ende emdlalweni webhola lezinyawo eNingizimu Afrika ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL).
Ukuzimatanisa naMaZulu kwenkampani yakwaSpar kwaqala ngeminyaka yawo 90 ngaphansi komqondisi wawo omdala, uDavid Dlamini, waseMahlabathini.
Lo buhlobo baqinisekiswa ukunqoba kwawo indebe yakwaCoca Cola ngo 1992.
Ngaphandle kokuba ngabaxhasi bagcine sebengabaphathi beqembu ngesikhathi liqeqeshwa nguMike Makaab, ngemuva kokuthi kube khona ukungaboni ngaso linye kwabakaSpar noDlamini ngokwezivumelwano ababengene kuzo.
Ngenxa yokuthi ukuphatha iqembu lebhola kwakungewona umkhakha wakwaSpar, baphoqeleka ukuthi balithengisele usomabhizinisi owayenethenda yama-Ambulance ezikhungweni zezempilo ezazingaphansi kukaHulumeni waKwaZulu omdala.
Kube ngesikhathi eseyithengisele khona uNaidoo lapho uSpar athi ukuqhela ebholeni.
UNaidoo naye wagadla zephuka wawathengisela uDave King naye ngemuva kwesikhathi wawadlulisela kuSisa Bikitsha.
Ngenxa yokungahambisani nezinto ezazenzeka ebholeni uBikitsha wabe esewathengisela uPatrick Sokhela, kuze kube yimanje, nokube yilapho khona uSpar ekhuze khona
ibuya ekuxhaseni
leliqembu elinomlando
omude ebholeni elikhokhelwayo kuleli.
Okunye okukhombisa ukusebenzisana okuhle phakathi kwalezinhlangothi ukuphambana emgwaqweni yaseNingizimu Afrika, amaloli amakhulu akwaSpar ahlobe ngemibala neziqubulo zaMaZulu.
Uphinde waveza ukuthi njengoba kuvalwe isizini abahlezi njengoba bematasatasa befuna
ozovala isikhala
esivuleke ngokushiya kobebhekelele ukwelashwa nokululama kwabadlali uma bekade belimele uKarel du Toid.
“Akukho ukuphumula njengoba kufanele ukuthi kuqambe kuqala amalungiselelo okuqala kwesizini entsha konke kusothini. Kufanele sithole umuntu ozovala isikhala sikaKarel obeyiPhysiotherapist yeqembu, oseyozimela,” kusho uSokhela.