Ezemidlalo

IBanyana izojulukela amabhonasi kweyomhlaba

Nhlanhla Sithole|Published

U-ANDILE Dlamini noRefiloe Jane ababoshelwe eqenjini leBanyana Banyana elizoyodlala kwiWomens Fifa World Cup Isithombe: BACKPAGEPIX U-ANDILE Dlamini noRefiloe Jane ababoshelwe eqenjini leBanyana Banyana elizoyodlala kwiWomens Fifa World Cup Isithombe: BACKPAGEPIX

UMENGEMALI weSouth African Football Association uDanny Jordaan, utekule ngokuthi ngokujwayelekile ibhonasi uwumvuzo owuthola ngemuva kokusebenza ngendlela encomekayo.

Ubebhekise endabeni yamabhonasi eBanyana Banyana, njengoba izoyodlala kweye-2019 Fifa Women’s World Cup eFrance ngoJuni 7 iphele ngoJulayi 7.

UJordaan ukusho lokhu ese-OR Tambo International Airport, eKurhuleni lapho bebehlangabeze iBanyana ebibuya ohambweni lwaseMelika lapho beyiyodlala nompetha bomhlaba i-USA , icijela iWorld Cup.

“Ngokomthetho amabhonasi umvuzo owuthola ngemuva kokusebenza. Ngakho kufanele baqale basebenze benze abantu baseNingizimu Afrika bajabule, bazowathola. Simatasatasa sihlanganisa indlela azocanwa ngayo abazotshelwa ngayo ngaphambi kokuthi bahambe balibangise kwi-World Cup."

Nakuba kungakacaci ukuthi uhlaka lwamabhonasi luzokuma kanjani kodwa ngokujwayelekile kuyaye kube nonsumbulwana abatholwa abadlali ngokufinyelela kweyamanqamu.

Kuphinde kube nemali etholwayo ngokunqoba umdlalo nomdlalo kanye nokwedlulela esigabeni esilandelayo.

Okuhle kakhulu ngohambo lweBanyana olubheke eFrance wukuthi luxhaswe yinkampani enkulu ephehla amafutha okuhamba ngawo izimoto, iSasol, ngakho akubhekekile ukuthi lube nezihibe.

ISasol ayiqali ukuzimbandakanya ebholeni njengoba nasengesikhathi iqembu lika-Under 23 lalisekelwe yibo ngesikhathi liyodlala eyama-Olympic eSydney, e-Australia ngo 2000.

“Ngendlela iBanyana ebinakekelwe ngayo ngokwenza amalungiselelo asezingeni eliphezulu ukwedlula wonke amazwe ase-Afrika azodlala kwiWorld Cup, asikho isizathu esingenza bangakwazi ukudlulela esigabeni esilandelayo.”

Indaba yamabhonasi njalo ihlale iyinzukazikeyi emaqenjini esizwe kanobhutshuzwayo kuleli uma esekwazile ukufinyelela esigabeni semidlalo yamanqamu emiqhudelwaneni yamazwe omhlaba nawezwekazi.

Kunesikhathi lapho iBafana Bafana yake yasikaza khona ukuteleka ngesikhathi semidlalo ye-Afcon eyabe iseGibhithe, kusaqeqesha uTed Dumitru, ngo 2006 ngenxa yokuthi kwaze kwafika isikhathi semidlalo abadlali bengazi ukuthi indaba yamabhonasi imiswe kanjani.

Ngakho kumqoka ukuthi indaba yamabhonasi ilungiswe ngaphambi kokuthi iqembu amabombo liwabhekise eFrance ngesonto elizayo.

Njengoba iqembu lakulaleli lihamba lizophinde libe nomunye umdlalo wokungcweka neNorway ngoJuni 2 ngaphambi kokuthi lidlale umdlalo walo wokuqala neSpain, eStade Océane, eLe Harve, ngoJuni 8.

Amanye amazwe eqhathwe nawo eqoqweni eliwu-B yiGermany neChina PR (People’s Republic).

IBanyana ifinyelele kule midlalo okokuqala ngokuphuma endaweni yesibili emqhudelwaneni i-African Women’s Championship, ebiseGhana ngonyaka odlule, ishaya yiNigeria kweyamanqamu.

Ngo-2012 belikade lidlale emidlalweni yama-Olympic okokuqala.

Limi kanje iqembu leBanyana elimenyezelwe umqeqeshi uDesiree Ellis izolo eSafa House:

Onozinti: Andile Dlamin; Kaylin Swart noMapaseka Mpuru;

Izitobha: Lebohang Ester Ramalepe; Nothando Vilakazi; Noko Matlou; Janine Van Wyk; Bambanani Mbane; Bongeka Gamede; Tisetso Makhubela.

Esiswini: Refiloe Jane; Mamello Makhabane; Karabo Dhlamin; Leandra Smeda; Kholosa Biyana; Busisiwe Ndimeni; Sibulele Holweni; Linda Motlhalo

Abagadli: Thembi Kgatlana; Jermaine Seoposenwe; Amanda Mthandi no-Ode Fulutudilu