Ezemidlalo

URivaldo uza kahle endaweni entsha aseyidlala

Nhlanhla Sithole|Published

URIVALDO Coetzee obukeka ezodlisela ogageni abadlali abaningi abagijima esiswini saBafana Ba Style URIVALDO Coetzee obukeka ezodlisela ogageni abadlali abaningi abagijima esiswini saBafana Ba Style

ITHIMBA labaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns aliwuvali umlomo ngesahluko esisha esambulwe umdlali walo uRivaldo Coetzee, ngokushaya into ecokeme endaweni entsha asedlala kuyona okusenkabeni yenkundla, nokuyinto esibe nenkulumo mpikiswano isikhathi eside kuleli thimba.

UManqoba Mngqithi, oyiphini lomqeqeshi kuMasandawana, utshele Isolezwe ngeSonto ukuthi bese kunesikhathi eside bephikisana ngokuthi ngabe uyilungele yini lo mdlali lendawo aseyidlala nakubukeka enza kakhe kuyona.

“URivaldo ukhombisa ukuba kwelinye izinga kule ndawo.

"Besilokhu siphikisana ngokuthi adlaliswe kule ndawo noma siqhubeke noTiyani 'Sugar' Mabunda, obevele eyibambile.

"Umehluko phakathi kukaRivaldo noMabunda wukuthi yena akahlali isikhathi eside ebholeni usheshe alidlulisele kozakwabo ngesikhathi esifanele,” kuchaza uMngqithi.

Uthe: “Ukushaya into ecokeme sekuvunywe ngisho nawuKeke (ukuputeni uHlompho Kekana) ukuthi abaqeqeshi bathathe isinqumo esishaye emhloleni.

UKeke ulibeke ngembaba elokuthi uyakhokmbisa ukuthi izinga lakhe alikho nakancane kwelePSL.”

UCoetzee (22), odabuka eKakamas, eNorthern Cape, uqale ukukhombisa ukubaluleka kwakhe kuleli qembu edlala okokuqala kule ndawo emdlalweni abawudlale neBlack Leopards lapho aqokwa njengomdlali

ovelele.

Ukuqhubeka kwakhe nokudlala kahle kukaCoetzee kukhomba ngokusobala ukuthi igama lakhe ngeke libonakale kubadlali abangase bakhonjwe

indlela.

Osekubhekiwe ukuthi uzokwazi yini ukudlisela ogageni abadlai abanjengo-Andile “Gattuso” Jali no-Oupa “Ace”Manyisa okungabanye abadlala kule ndawo uma singambali uTiyani Mabunda.

Lo mdlali useqhamuka kule ndawno nje bekulokhu kunokwesaba ngekusasa lakhe njengoba ashweba ukusayina eqenjini laseScotland, iCeltic ngemuva kokuthi odokotela bakhona bethole ukuthi unesixwazi onyaweni azalwa naso okungelula ukuselapha siphele nya.

Ngemuva kokuthi iSundowns imsayinise yize kunalombiko wodokotela nokuholele ekutheni ahlale isikhathi eside engadlali selokhu asayina kuyona ngo-2017.

Lo mdlali usedlala kule ndawo bekunezikhalo zokuthi ukudlala njengomdlali wasemuva phakathi nendawo akumfanele ngenxa yethambo lakho elingelide, yize ebedlala kahle kwi-Ajax CapeTown eyamvezayo ebholeni elikhokhelwayo.

Usebizelwe eqenjini lesizwe iBafana Bafana izikhawu eziwu-23 kusukela ngo 2014 eseneminyaka ewu-17.