UZOPHINDE uMohamed Salah angabonakali lapho iLiverpool imdinga kakhulu UZOPHINDE uMohamed Salah angabonakali lapho iLiverpool imdinga kakhulu
LIYAQHUBEKA izwaca lomdlali ovelele kunobhutshuzwayo wabesilisa e-Afrika, uMohamed Salah, ovele ahlaselwe wukulimala emidlalweni lapho amaqembu akhe emdinga khona kakhulu.
Namuhla uSalah uzobe engabonwa emdlalweni weLiverpool neBarcelona okungumlenze wesibili we-Uefa Champions League (UCL) ose-Anfield, eLiverpool.
ILiverpool ibiwadinga amagalelo kaSalah ukuphendula amagoli amathathu abaselwe yiBarcelona eCamp Nou emlenzeni wokuqala.
Nokho ukungubuzeka kwakhe ekhanda ebanga ibhola nonozinti weNewcastle United, uMartin Dubravka, emdlalweni weligi eSt James Park kuyaphoqa angabonakali.
Imithetho kanobhuthuzwayo ithi umdlali ophume ngokushayeka ekhanda kumele axilongisiswe ngaphambi kokudedelwa ukuthi adlale.
"Uzizwa ekahle kodwa akulungile ngokwanele ngokomkhakha wezempilo. Inhliziyo ingaphandle ufuna ukudlala kodwa ngeke sikwazi ukumdedela,"ucashunwe esho kanje umqeqeshi weLiverpool, uJurgen Klopp, kwi.www.supersport.com.
Akupheli lapho ukuhlupheka kukaKlopp kwazise nomgadli waseBrazil, uRoberto Firmino uzobe engabonwa ngenxa yokulimala inyonga.
UKlopp nokho ukhombise ukumcabangi uFirmino emlenzeni wokuqala kwazise umduvise ebhentshini waze wamfaka selishonile.
"Abagadli ababalwa nabaphambili emhlabeni abekho kanti kumele sishaye amagoli amane kwiBarcelona emizuzwini engu-90,"kusho uKlopp.
"Akuyenzi nakancane impilo ibe lula kodwa uma sisenabadlali abangu-11 enkundleni, sizozama."
ILiverpool inomlando omuhle kwiChampions League kwazise ngo-2005 yabuya yajuqa i-AC Milan yase-Italy kade iyitamuza ngo 3-0 ziya ekhefini.
Ngesizini yokuqala kaKlopp badlule kwiBorussia Dortumnd ebesibathele u 3-1 emizuzwini engu-25. Bagcine benqoba ngo 4-3.
Ujwayele uSalah ukuphutha ngenxa yokulimala lapho edingwa khona kakhhulu.
Nyakenye ulimale kusanda kuqala isiwombe sokuqala iLiverpool ibhekene neReal Madrid kowamanqamu eChampions League.
Lokho kwenze wafika ne-Egpyt kwi-2018 Fifa World Cup entengezela nokuholele ekutheni angabi nesandla esitheni ekusizeni izwe lakhe.
@malbingo