Ezemidlalo

Ishayisa amakhala eyekomiti lePSL

Lungile Majoka|Published

GAVIN HUNT GAVIN HUNT

UKUNGABI nomgqigqo kwekomiti eliqondisa ubugwegwe lePremier Soccer League (PSL) kushiye umqeqeshi weBidvest Wits, uGavin Hunt, ekhala ngokugixabezwa ngamaphuzu kweCape Town City ngenxa yomdlalo ongaphelanga.

ICity inikezwe amaphuzu amathathu ahambisana no 3-0 ngemuva kokuthi leli komiti lithole iBloemfontein Celtic inecala ngokungahlinzeki ezokuphepha okwaholela ukuthi umdlalo umiswe usudlalwe imizuzu ewu-20, abalandeli bengena enkundleni.

UHunt ubekhuluma nabezindaba ngempelasonto ngemuva komdlalo we-Absa Premiership ababambane kuwo ngo 1-1 neSuperSport United.

Ubephendula umbuzo mayelana nokudonsa kokuphuma kwesigwebo ecaleni elithinta iMamelodi Sundowns, eyabophela umdlalo ongafanele ibhekene nabo ngo-Okthoba nyakenye.

“Indlela izinto ezenzeka ngayo okwamanje, kundiza amaphuzu akhishwa ema-boardroom, ngempela wake wezwaphi kuthiwa unikezwa amaphuzu ngenxa yomdlalo ongaphelanga. Umdlalo ongaphelanga uyaqedelwa. Ungawudlala ungabukwa muntu noma uye kwelinye izwe kodwa umdlalo ongazange uphele uyaqhutshwa. Awukwazi ukuthi unganikezwa amaphuzu ngomdlalo owamiswa.

“Thina akukho okubi esakwenza kodwa kuyadonsa (isinqumo). Ngiyacabanga ukuthi iSundowns iyona ezwela kakhulu ngoba bafuna ukuzazi ukuthi bami kephi. Kodwa indlela izinto ezenzeka ngayo ngeke wazi ukuthi kuzokwenzakalani,” kusho uHunt.

Lo mqeqeshi mhlawumbe uqinisile ngokukhala ngamaphuzu anikezwe iCity ekubeni lona leli komiti likwazile ukuthi kufanele uphindwe umdlalo owama ngenxa yemvula phakathi kweReal Kings neStellenbosch FC kwiNational First Division. IKings yayihamba phambili ngo 1-0 kodwa umdlalo waqalwa ku 0-0 usuphindwa.

Iqembu likaHunt libambe indawo yesithathu kwi-log kanti uthe udumele ngokungatholi amaphuzu aphelele kwi-United.

Uthe usezobheka imidlalo emibili esele yeligi ukuthola kuyona amaphuzu aphelele.

NgoMgqibelo bazodlala neBaroka FC eBidvest Stadium ngo-3 ntambama bese bevala isizini neLamontville Golden Arrows ekuhambeni ngoMeyi 11.

“Sizozama ukulungisa lapho esibhimbe khona kodwa siphoxekile. Ngicabanga ukuthi sidlale kahle kodwa ke uma ubuye ubhekane nezinqumo ezinje nakho akusisizi,” kusho uHunt.

IWits iphikelwe igoli ngomzuzu ka-84. Unompempe uPhelelani Ndaba ethi aliweqanga ulayini, yize ama-video ekhomba ukuthi liweqe ngokucacile.