URAHEEM Sterling omunye wabadlali asebecwaswe kakhulu ngokobuhlanga ezinkundleni zase-Europe URAHEEM Sterling omunye wabadlali asebecwaswe kakhulu ngokobuhlanga ezinkundleni zase-Europe
AMAQEMBU kufanele aphucwe amaphuzu ayisishiyagalolunye futhi adlaliswe engabukwa imidlalo emithathu uma abalandeli bayo bezibandakanya ekucwaseni ngokokubuhlanga.
Lokhu kushiwo ngumdlali waphambili kwiManchester City nakwi-England, uRaheem Sterling, omunye wabadlali abaphila nokucwaswa ngokwebala e-Europe.
USterling ukusho lokhu ngemuva kokusayinda incwadi yesiphakamiso sokuthi kube nomthetho owodwa omile wokuhlawulisa amaqembu ngokucwaswa kwabadlali abamnyama ngokobuhlanga kunobhutshuzwayo.
“Ngingaphakamisa ukuthathwa ngale kokunanaza kwamaphuzu ayisishiyagalolunye kwabacwasa ngokobuhlanga,”kuloba uSterling.
“Kuzwakala kushube kakhulu kodwa yimuphi umlandeli ongasikaza ukucwasa uma kuzogawulisa ngezembe iqembu lakhe noma kulithiye embangweni wesicoco seligi?
“Iqembu kufanele lidlale imidlalo emithathu lingabukwa mlandeli ukuze izozwela ephaketheni eyokuthi alilwisani nobandlulo.”
UMOISE Kean okubukeka esazophila nokucwaswa kwazise udlala e-Italy kanti futhi ungowakhona kuleli lizwe elibalwa nahamba phambili ekucwasweni kwabadlali abamnyama
USterling ujoyine inqwaba yabadlli nabantu abasebholeni bezinhlanga eziyingcosana abaphakamisa nokuthi abadlali bangahlawuliswa uma bephendula ukucwaswa ngokuphuma enkundleni bashiye umdlalo uqhubeka. -Reuters